UTau angase ayishiye iSundowns
LIZODALULWA emasontweni amabili ezayo iqembu laphesheya kwezilwandle elizohlabana ngesibabuli seMamelodi Sundowns, uPercy Tau, okuvele ukuthi usefana novalelisile eChloorkop.
UTau uhlabane ngomklomelo womdlali ovelele eNingizimu Afrika, iPSL Footballer of The Year nePlayers’ Player of The Season. Ekuqaleni kwesizini umqeqeshi weSundowns, uPitso Mosimane, uveze ukuthi ufuna lo mdlali awuwine umklomelo womdlali ovelele futhi wuhlelo abasebenzela phezu kwalo. Wathi emuva kwalokho ufuna awelele phesheya kwezilwandle ayodlala kumaligi amakhulu emhlabeni.
Imenenja kaTau, uMmatsatsi Sefalafala, iveze ukuthi sekuseduze balikhethe iqembu uTau azogijima kulo kwabakhuluma nawo.
“Kuno-95% wamathuba okuthi uyahamba. Akusafani nangoJanuwari lapho khona ayewu-50/50. Kulokhu kubukeka kuzokwenzeka. Okwamanje ngeke ngikwazi ukudalula iqembu noma iligi azodlala kuyo. Kungaba se-Europe, England, Afrika, United eMirates. Kungenzeka noma yini, angadlala noma yikuphi. Ngeke sicindezwe yimibono yabanye abantu. Siyazazi ukuthi simi kuphi nokuthi siyaphi, siyazazi izinhlelo. Sizokwazisa wonke umuntu emasontweni amabili ezayo,” kusho uSefalafala.
“Ukuwina le miklomelo yelinye igxathu kuye. Usevele udonse amehlo amaqembu amaningi. Nyakenye kubhekwe kuDisemba, bekuvele kunamaqembu amaningi abebuza ngaye. Lokhu kuyisigxivizo sokuthi ungumdlali ofunwayo. Ngiyamjabulela kakhulu ukumbona ekhula efinyelela ekubeni yilo mdlali awuyena manje. Unesibindi, akesabi. Okubalulekile, uzithobile. Akanawo umona enkundleni, wakhe amagoli amaningi kule sizini. Lokho kukutshela ukuthi ungumdlali weqembu, uyasebezinsana nabanye abadlali. Yikho ewine umklomelo iPlayers’ Player of The Season. Imfanele futhi ngiyamjabulela kakhulu.”
Ngesikhathi uTau emukela umklomelo womdlali ovelele, umengameli weSouth African Football Association, uDanny Jordan, uthe kuyena akathathe uMzansi awufake kwiNdebe yoMhlaba ka-2022 eQatar. UTau usevele uzikhombisile ukuthi ungumgadli iBafana Bafana engathembela kuyena. UMosimane uthe uTau kufanele ahambe kwiSundowns.
“Kade sikhuluma ngamaligi aphezulu emhlabeni, hhayi koDenmark noma eSweden. Sikhuluma ngeLa Liga, Serie A, League 1 yaseFrance, Bundesliga, manje sekuneqembu le-EPL (English Premier League) eseliqhamukile. Lokhu kungenxa yomsebenzi awenze kulo nyaka. Umdlalo weBarca nawo kade uyithuba. Ngokwami, akahambe. Usisebenzele thina. Yikuphi okunye osekufanele akwenze. Ngicabanga ukuthi silinde ukumehlulela lapho ukuthi ungumdlali ngempela noma cha. Ngakho akahambe,” kusho uMosimane.