Umbhikisho uphazamise izivivinyo eXobho
KUPHAZAMISEKE ukubhalwa kwezivivinyo zekota yesibili ezikoleni zaseXobho ngesikhathi amalungu omphakathi evala umgwaqo ebhikishela ukugqoza kwentuthuko.
Kuthiwa kusukela ngeledlule abafundi bebelokhu bebhuquza emakhaya ngenxa yemibhikisho.
Izolo entathakusa kuthiwa abantu baKwaNokweja bavale umgwaqo uR56, ophakhathi kweXobho noMzimkhulu, bekhala ngokuthi abanawo amanzi, izindlu nemigwaqo yetiyela.
Umthombo weSolezwe, ongathandanga ukudalulwa, uthe othisha abasakwazi ukuyofundisa ezikoleni okubalwa kuzo iLittle Flower, Ixopo, Mariathal neNokweja High ngoba kuvalwe imigwaqo.
“Othisha abaningi akubona abendawo, ngakho njengoba umgwaqo ugebhukile ngenxa yokushiswa kwamathayi, abakwazi ukuya ezikoleni. Ngesonto eledlule abafundi abafundanga izinsuku ezimbili kanti bayabhala. Namhlanje (esho izolo) abafundi abafundanga ngoba sivuke imigwaqo ivaliwe,” kusho umthombo.
Okhulumela uMasipala waseHarry Gwala, uMnuz Ndabezitha Ntenza, uthe iPhini leMeya, uNksz Ntuseng Duma, lifikile KwaNokweja ukuzozwa izikhalo zomphakathi. Litshele umphakathi ngesu abanalo lokulungisa inkinga yamanzi.
“IPhini leMeya liyile KwaNokwenja ekuseni (izolo) liyozwa izikhalo zomphakathi. Nezinkinga zamanzi sizisukumele safaka amathangi ukuze amanzi abe khona. Inkinga yamanzi yinkinga enkulu futhi siyaxolisa emphakathini ngalokhu, akusilo iphutha lamuntu.”
Uthe banxusa umphakathi ukuthi uma ubhikisha ucabangele nabafundi ababhalayo ngoba ukuphazamiseka kwemigwaqo kuphazamisa nokufunda. Udaba lomgwaqo nezindlu bazoludlulisela ezinhlakeni ezifanele.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mthethwa, uthe uyakholelwa ukuthi udaba lokufuna intuthuko lungenzeka ngaphandle kokuphazamisa ukufunda nokufundisa.
“Asivumelani nokuthi uma abantu bomphakathi befuna intuthuko baphazamise ukufunda nokufundisa ngoba abantu abalimala kakhulu ngabafundi laba abasematasa ngokuhlolwa kukaJuni, ikakhulukazi abafundi baka-matric abadinga imiphumela emihle ukuze bacele izikhala emanyuvesi.”
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe amalungu omphakathi aKwaNokweja alinganiselwa ku-200 avale umgwaqo. Uthe acekele phansi imoto yamaphoyisa.
“Kuphenywa icala lokudala udlame emphakathini nelokucekela phansi impahla.”