Kungasiza ukuba namakhasi ezomnyango
MHLELI: Ngiye ngiphatheke kabi uma ngithola umphakathi ukhala ngendaba yoMnyango wezaseKhaya, SASSA nowezeNhlalakahle.
Abantu abasebenza kulezi zindawo abayitholi ingcindezi emphakathini, ngaleyo ndlela umphakathi uhlala nezinkinga iminyaka zingaxazululwa kuze kungenelele izintatheli. Kwesinye isikhathi umuntu uze ashone enenkinga. Kuyacaca ukuthi kabekho abasebenzi bale minyango nabaphathi bakhona abajulayo ngenkinga yomuntu.
Ngiyafisa ukuthi Isolezwe licele uxhaso kuhulumeni bese kuba namakhasi ephephandabeni mhlawumbe amane nje kuphela azobhekana ngqo nezinkinga zale minyango kahulumeni yomithathu.
Kunomuntu okuye kuthiwe ushonile kodwa ebe ephila, kimina lowo muntu kufanele avuswe okungenani emasontweni amabili. Okokuqala wukuya emakhazeni okuyiwona amngcwaba, wukuthola owayengumaqondana kamufi. Wukuthatha amanyela eminwe kophilayo ayiswe ePitoli ukuze asho ukuthi ngabe usaphila yini noma cha.
Uma amanyela eminwe ethi usaphila, sekumele bacishe irekhodi lokuthi ufile bese evuswa. Isikhathi esiningi baye bathi eMnyangweni wezaseKhaya lona ophilayo makenzelwe ipasi elisha lokho kusuke kuchaza ukuthi makungaphenywa ukuthi wabulawa kanjani ephila.
Kakukwazi ukuthi umuntu uma kutholakala ukuthi ipasi lakhe likhomba ukuthi sewashona kodwa ephambi kwami lokho sekumele kusho ukuthi angingamsizi ngokumvusa.
UMnyango wezaseKhaya unemishini ekhona yobuchwepheshe kumanje, okusho ukuthi lowo muntu bangathola ngesikhathi ukuthi usaphila bese bemvusa besalindele ukuthola ukuthi pho kwenzeka kanjani ukuthi kuthiwe ufile ebe ephila.
Ngiyacabanga ukuthi uma kungaba namakhasi azobhekana ngqo nalezi zinkinga zikahulumeni umphakathi ungasizakala kakhulu, naye uhulumeni angasizakala ngoba iphepha lingabe lixazulula izinkinga zakhe.
Nani lapho ephepheni ningaba nezisebenzi ezizobhekana ngqo nalezi zindaba ezihlukumeza abantu. Ungamangala ukuthi kunabantu asebagqigqa baze bakhathala kulezi zindawo bengalutholi usizo umuntu aze afe engasizakalanga.
Nayo le minyango kahulumeni ingaphoxeka uma kuvela ukuthi kunabantu ababa nezinkinga mhlawumbe kusuka ngo-1990 kodwa namanje kazikaxazululwa, bangagijima bazixazulule.
Abasebenzi beSolezwe bangakwazi ukuba nemihlangano nalezi zikhulu kuboniswane ngendlela okuzosetshenziswana ngayo ukusiza umphakathi. Uhulumeni unemali, ngeke wanqaba ukukhokhela lolu hlelo.