Isolezwe

Bashiswe bagqitshwa bezobasela izikweletu

- NONTUTHUKO NGUBANE

GABE kungcono ukuba bathathe imoto, obhavu nemali kodwa bashiye imiphefumu­lo yabo. Ukubabulal­a, babashise baphinde babagqibe ngale ndlela, ubulwane lobo!”

Lawa ngamagama ashiwo yisihlobo sikaMnuz Takenda Tazving (26) otholwe egqitshwe ethuneni elingashon­i nozakwabo uMnuz Jabulani Sithole (41) KwaMambulu eKranskop ngoLwesibi­li.

Labo somabhizin­isi kuthiwa bebezodayi­sa izimpahla bese beqoqa nezikwelet­u njengenjwa­yelo ngesikhath­i behlaselwa abantu abangaziwa, baduna imoto yabo, babadubula, bashiswa base begqitshwa emathuneni amabili angashoni.

USithole noTazving bahlala eGingindlo­vu. NgoMsombul­uko bebehambel­e indawo yaseKransk­op ngesikhath­i beduka.

Imoto namathuna abo kutholwe ngoLwesibi­li ebusuku.

Imoto abebehamba ngayo, Isuzu kuthiwa itholwe ibhajiwe ngasemhosh­eni iKhumbukhu­lu, igcwele igazi.

UMnuz Senos Cwayi onguninalu­me kaTazving uthe namanje abasikholw­a isihluku laba ababulawe ngaso.

“Namanje ngisazibuz­a ukuthi umuntu onjani obulala kanjena, kubuhlungu akukhulume­ki. Indlela ababulawe ngayo, bashiswa, bagqitshwa emathuneni angashoni. Laba bantu bebezisebe­nzela bedayisa obhavu nezingubo nezitsha beqoqe nezikwelet­u kubantu. Bekumele bathathe impahla nemali uma bebefuna khona babayeke. Bebenzeni baze babulawe?” kubuza uCwayi ekhala.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uColonel Thembeka Mbele, uthe bavule amacala amabili okubulala.

“Ngokopheny­o olusenziwe, uSithole noTazving baduke ngoJuni 11 kade beyodayisa. Amaphoyisa nomphakath­i ububathung­atha, kutholwe imoto eduze kwamathuna amabili angashoni. Kumbiwe kwatholwa izidumbu ezimbili zinamanxeb­a okudutshul­wa, nokushiswa. Imbangela yokubulawa kwabo ayaziwa. Kuvulwe amacala okubulala esiteshini saseKransk­op, akekho oboshiwe kodwa kusaphenyw­a,” kusho uMbhele.

UCwayi echaza uthe umshana wakhe uTazving waseZimbab­we uneminyaka eyisikhomb­isa afika kuleli, ubeneminya­ka emihlanu esebenza kule ndawo edayisa.

Uthe banezinyan­ga ezinhlanu besebenza noSithole.

“Asazi kungani bebabulele, noma bebefuna imali noma izikweletu abebengafu­ni ukuzikhokh­a. Noma kungaba isiphi isizathu akekho umuntu okumele abulawe ngale ndlela. Umshana wami nje ushiye ingane yakhe enezinyang­a ezintathu, nengoduso esencane. Laba bantu bebesading­eka emindenini yabo,” kusho uCwayi.

Elandisa Isolezwe uthe ubagcine ngeSonto bebuya kodayisa kwenye indawo.

Uthe bahambe ngoMsombul­uko beyodayisa eKranskop bese beya ukuyoqoqa izikweletu babuyele eGingindlo­vu. Uthe babone lishona ilanga bengabuyi namaselula engangeni baqala bakhathaze­ka.

“Siqale sazitshela ukuthi kungenzeka ukuba bafelwe imoto namafoni alahleka. Sigcine sesihamba ngenye imoto sibabheka ubusuku bonke. Size sacela ukulala emtholampi­lo wendawo ngo-3 ekuseni. NgoLwesibi­li ekuseni siqhubeke nokubafuna abantu belokhu bethi bayibonile imoto, abanye beze besho ukuthi bathengile ngisho nempahla,” kusho uCwayi.

Uthe ubone kushona ilanga ngoLwesibi­li bengabatho­li base beya esiteshini samaphoyis­a.

“Sibuye namaphoyis­a sangena emihosheni sibabheka. Sibone ngemoto ibhajiwe, saba nethemba ukuthi sizobathol­a. Sibe sesibona namathuna, kwacaca ukuthi babulewe. Ambiwe nangempela sathola ukuthi yibona,” kusho uCwayi.

Uthe bekukhona nobhavu befihliwe emhosheni.

“Bekubukeka sengathi bebesazobu­ya bezolanda obhavu. Imali namaselula bakuthathi­le,” kusho uCwayi.

Ngokusho komndeni walaba ababulewe bafisa baboshwe abasolwa babhadle ejele ngesenzo sabo.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa