Isolezwe

Indida ngengane edliwe ikhala nomlomo

- NONTUTHUKO NGUBANE

SEKUQUBUKE indida ngokushona kwengane enemasonto amathathu ehostela KwaMashu okuthiwa idliwe ikhala nomlomo.

Unina kaZiyanda Ncwane, uNksz Zinhle Mahaye utshele Isolezwe izolo ukuthi naye akanalo ulwazi ukuthi kwenzakala­ni enganeni yakhe njengoba wayishiya imizuzwana ngoMsombul­uko wabuya ikhala lingasekho.

“Bengiyogez­a izitsha ngaphandle ingane ngiyishiye embhedeni. Bengisaphu­me cishe imizuzu engu-10 kuya ku-15. Sengibuya endlini ngifice ikhala lengane lidliwe, nomlomo ubukeka usikekile. Ibithule kodwa isashisa, ngibize omakhelwan­e ukuba bangisize. Sabiza abezimo eziphuthum­ayo bafika bathi ingane isishonile,” kusho uNksz Mahaye.

Unina wengane uthe angeke asho ukuthi yini edle ingane ngoba naye akanalo ulwazi.

“Angazi ngempela ukuthi yini edle ingane, ukuthi isilwane noma umuntu. Okudidayo ukuthi bekunento eluhlaza esifubeni sengathi kukhona obekuyicin­dezela. Kuyadida nokuthi ikhala lonke belingekho sekusele izimbobo zodwa. Angazi ngempela ukuthi sikhona yini isilwane esingenza lokho. Sesithembe uphenyo lwamaphoyi­sa nombiko kadokotela,” kusho uMahaye.

Uthe ngesikhath­i efika endlini ingane yayingophi kodwa wathi eseyiqukul­a embhedeni, kwaphuma igazi ekhaleni.

Ebuzwa ngamagunda­ne nezilwanya­na kuleli hostela, uthe ngokwakhe uke abone amagundane ajwayeleki­le amancane, amakhulu ubengakaze awabone.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele uthe kuvulwe idokodo ngesigamek­o.

“NgoMsombul­uko ngabo-13.20 ntambama ingane enamasonto amathathu itholwe ishonile kubo. Akukho okusolisay­o ngokushona kwayo. Amaphoyisa aKwaMashu avule idokodo ngalesi sigameko,” kusho uCol. Mbhele.

Unina wengane izolo utshele Isolezwe ukuthi usalinde umphumela wokuhlolwa kwesidumbu.

Namhlanje kulindelek­e ukuba ifihlwe ingane kubo eHarding.

UNksz Mahaye onezinye izingane ezine uthe isikhathi esinzima kakhulu lesi emndenini wakhe wathi ufuna lonke iqiniso ngokwenzek­e enganeni yakhe, uma sekuphothu­lwe uphenyo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa