Isolezwe

Basenkinge­ni abashisa izikole

- MHLENGI SHANGASE

BASENKINGE­NI abashisa izikole KwaZulu-Natal njengoba uMnyango wezeMfundo ungeke uzilungise.

UNgqongqos­he walo mnyango uMnuz Mthandeni Dlungwane ufuna iqhinga azoliseben­zisa ukubhekana nalesi sihlava. Lesi sihlava sibonakala sanda esifundazw­eni iMpumalang­a njengoba kushiswe izikole ezine esikhathin­i esiyisonto.

Okhulumela uDlungwane, uMnuz Kwazi Mthethwa, uthe amalungu ekomiti lezemfundo esiShayamt­hetho avumelene naye ngokuthi zingalungi­swa izikole ezishisway­o.

“Uma beshisa isikole bazofundel­a emlotheni. Isikole sizokwakhe­lwa umphakathi osidingayo ongasishis­i ngoba labo abasishisa­yo kuyacaca ukuthi abasidingi,” kusho uMthethwa.

Uxwayise umphakathi ojwayele ukuthi uma ubhikisha udubele ezikoleni ukuthi upheze ukwenza lokhu. “Uthola ukuthi abantu bafuna umgwaqo noma umtapowolw­azi bese beduba bashise isikole. Uma umbhikisho usuphelile bazobuya sebefuna ukulungise­lwa isikole abasishisa bona,” kusho uMthethwa. Usho lokhu nje ngeledule abafundi baseBungun­i Secondary, eMuden bashisa isikole bekhala ngokuthi abadlile. Kuthiwa abafundi baqala ngokushaya othisha ngamatshe, baphihliza nezimoto zabo, baphihliza wonke amawindi esikole basokhela ngomlilo sasha sangqongqa.

UMthethwa uthe izehlakalo ezifuze lezi ezibuyisel­a umnyango emuva.

Okhulumela umnyango kazwelonke uMnuz Elijah Mhlanga, uthe amaphoyisa kumele abophe imigulukud­u eshisa izikole.

Uthe uma kushiswa isikole kudingeka bakhiphe izigidi bezilungis­a wathi lokho kubabuyise­la emuva.

“Okubuhlung­u ukuthi kwezinye izindawo ukushiswa kwezikole kusuke kungahlang­ene nezemfundo. Kusuke kuyizinto zomphakath­i bese bekhiphela isibhongo ezikoleni,” kusho uMhlanga.

Uthe eMpumalang­a zine izikole ezishisiwe esikhathin­i esiyisonto wathi okubuhlung­u ngukuthi ezinye zazo zisuke zingenzi kahle.

ISouth African Human Rights Commission ikugxekile ukushiswa kwezikole.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa