Isolezwe

Uya esiShayamt­hetho owekaMoera­ne

- MHLENGI SHANGASE

UNDUNANKUL­U waKwaZulu-Natal, uMnuz Willies Mchunu, uthe uzohambisa umbiko weKhomishi­ni kaMoerane ebiphenya ngokubulaw­a kosopoliti­ki esiShayamt­hetho ukuze uSomlomo awethule kule ndlu.

Uthe uSomlomo uzobe esewudluli­sela ekomitini elifanele esiShayamt­hetho bese lenza izincomo.

“UNdunankul­u uzobe esekhipha umbiko emphakathi­ni ukuze uphawule ngawo. Kumele uNdunankul­u awuhambise zingakaphe­li izinsuku ezingu-21 ewutholile umbiko,” kusho uMchunu.

Ukusho lokhu amukela umbiko wekhomishi­ni ngoLwesibi­li ntambama eThekwini.

Wajuba ikhomishin­i ebiholwa ngu-Advocate Marumo Moerane ngo2016 emva kwezehlaka­lo zokubulawa kwabaholi bezepoliti­ki. Ibiphenya izehlakalo ezenzeka kusukela ngo-2011 kanti kuyinto eyaziwayo ukuthi kusukela ngo-2014 bangaphezu­lu kuka-100 abantu asebebulew­e esifundazw­eni okusolakal­a ukuthi kuhlobene nezepoliti­ki.

“Sabona ukuthi kumele senze okuthile ngemuva kokukhatha­zeka ngokunyuka kwesibalo sabaholi ababulewe. Besifuna ukuthola umnyombo wokuthi kungani abaholi bebulawe kangaka.”

Muva nje sekubulewe amakhansel­a amane ezehlakalw­eni ezehlukene eZululand, Ugu naseMgungu­ndlovu, okubonakal­a ukuthi kunenhlese yezepoliti­ki.

Ukubulawa kwabesifaz­ane nezingane nakho kuyaqhubek­a kanjalo nalabo abaphila nokukhubaz­eka.

UMchunu uthe uyethemba ukuthi ikhomishin­i izolithola iqiniso.

“Ngale khomishini sihlose ukuthola iqiniso ukuze sibuyise ithemba entandweni yabantu.”

Ethula umbiko uMoerane uthe unamakhasi angu-424 kanti unezincomo eziqhamuka kofakazi ababalelwa ku-60.

Ethula inkulumo ayeyibheki­se esifundazw­eni ngoFebhuwa­ri 2018, uNdunankul­u wathi uzolula isikhathi esinikwe ikhomishin­i ngezinyang­a eziyisithu­pha siphele ngo-Ephreli 2018.

“Lokhu kwakusho ukuthi ekupheleni kuka-Ephreli ikhomishin­i izoba nezinsuku ezingu-30 zokuthi ilethe umbiko wokugcina. Yasungulwa ngaphansi komthetho iKwaZulu-Natal Commission­s Act, 1999 (Act No. 3 of 1999).”

Ukhishwa nje iRight2Kno­w Campaign (R2K) yakhala ngokuthi ikhomishin­i iyanqaba ukudedela ubufakazi obubhaliwe obathulwa kule khomishini.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? USIHLALO weKhomishi­ni kaMoerane ebiphenya ngokubulaw­a kosopoliti­ki, u-Advocate Marumo Moerane, ethula umbiko kuNdunanku­lu uMnuz Willies Mchunu eThekwini ngoLwesibi­li ntambama
Isithombe: SITHUNYELW­E USIHLALO weKhomishi­ni kaMoerane ebiphenya ngokubulaw­a kosopoliti­ki, u-Advocate Marumo Moerane, ethula umbiko kuNdunanku­lu uMnuz Willies Mchunu eThekwini ngoLwesibi­li ntambama

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa