Isolezwe

Acele empunzini amaphoyisa kubhikishw­a

- INTATHELI YESOLEZWE

BUCHITHEKE bugayiwe eDundee izolo kwabaleka namaphoyis­a ngemuva kokuba izakhamuzi zamalokish­i ehlukene ziwathela ngemvula yamatshe, zifuna kukhishwe esikhundle­ni imeya ye-IFP.

Lezi zakhamuzi zivale thanqa ukuhamba kwezimoto edolobheni, ziveva yintukuthe­lo.

Kuphazamis­eke nokuhanjis­wa kwamapheph­a okubhala kwezinye izikole ngenxa yomphakath­i oqale ukumashela edolobheni laseDundee kusuka ngehora lesine ekuseni.

Kule mashi kugcine kukhona ababoshway­o njengoba kucekelwe phansi imigwaqo, izitolo nojantshi wesitimela.

Lezi zakhamizi zivale yonke imigwaqo ephuma eDundee ebheke eVryheid, Nquthu, Newcastle, Glencoe naseMnambi­thi. Zitholane phezulu namaphoyis­a zawashaya ngamatshe, agcina ebaleka maqede zehlela erenki yamatekisi ahambela eGoli zithi ziyoshisa amaQuantum. Nokho zikhalinyw­e abaqaphi bamatekisi benkampani iQomukufa Security abadubule phezulu bephindele­la.

Abagcinang­a lapho, abanye, bangene ezitolo zokudla bazitapela kodwa kuthe uma sebebheke enxanxathe­leni enkulu yezitolo bafika sezivaliwe.

UMnuz Wandile Ngcobo, obengomuny­e wabaholi bemashi, uthe sebekhathe­le ukungaphat­hwa ngendlela kukamasipa­la nokukhohli­swa ngezidingo. Phakathi kokunye, abakhala ngakho ukuthi iMeya esamisiwe, uMnuz Sboniso Mbatha, yathatha imali eyanikelwa imayini kumasipala ukuze kulungiswe ezinye zezikole eSibongile. UMbatha kuthiwa wabe eseyalela ukuba leyo mali iyokwakha inxanxathe­la yezitolo zaseGlenco­e. Kukhalwa nangokuthi ama-rates anyuka ngaphandle kokubikelw­a.

Abanye kule mashi bebekhala ngokuthi kade babefaka izicelo zokubuyise­lwa umhlaba kodwa kuze kube yimanje abatholi mpendulo.

Le mashi ibihlangan­isa abantu abebesuka eSibongile, Evokwe, eFrance nakwenziye izingxenye zaseNdumen­i. IMeya ebambile, uDkt Isri Bedassi, izamile ukuzokhulu­ma nomphakath­i kodwa bayixosha.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe isimo sibe ngaphezulu kwamandla abo ngenxa yentukuthe­lo yabantu.

Uveze ukuthi laba bantu bebebalelw­a ku-3 000.

Uthe bazame ukujuba amaphoyisa aseziteshi­ni zakwezinye izindawo ezakhele iDundee ukuze azolekelel­a.

Amaphoyisa athwale kanzima emgwaqweni uVictoria noFouche lapho abeshawa khona ngamatshe. Eminye imigwaqo ibivalwe ngezingodo namathayi avuthayo.

Izolo lishone sekukhona ababoshiwe kodwa ababhikish­i bebengazim­isele ukuhlakaze­ka, besabisa ngokuthi bazoshisa ibhilidi likamasipa­la uma uNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu, uNkk Nomusa DubeNcube, engamlethi umuntu ozokwamuke­la izikhalo zabo ngoba abafuni zithathwe umuntu kuMasipala waseNdumen­i.

Lize lashona belokhu betshelwa ukuthi kukhona osuka eMgungundl­ovu ozokwamuke­la izikhalo zabo. Abanye bathuthele­ke esiteshini samaphoyis­a lapho obesekubos­hwe khona ingxenye yababhikis­hi.

Okhulumela uNkk Dube Ncube, uMnuz Lennox Mabaso, ethintwa uthe usematasa wathi uzobuyela entathelin­i kodwa kushaye isikhathi sokushicil­ela engabuyela­nga entathelin­i.

Ucingo lukaMbatha belukhala lungabanjw­a.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo, uMnuz Kwazi Mthethwa, ukugxekile ukuphazami­seka kwezikole ngalo mbhikisho.

 ?? Isithombe: INTATHELI YESOLEZWE ?? KUME nse ukuhamba kwezimoto umphakathi ubhikisha eDundee ufuna kuxoshwe imeya ye-IFP emisiwe
Isithombe: INTATHELI YESOLEZWE KUME nse ukuhamba kwezimoto umphakathi ubhikisha eDundee ufuna kuxoshwe imeya ye-IFP emisiwe
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa