Isolezwe

Balwa nesifo sofuba ezimayini

- BONISWA MOHALE

ISIFO sofuba sizonqotsh­wa uma abaqashi bevumela abasebenzi basemgodin­i ukuthi badle imishanguz­o izinyanga eziyisithu­pha futhi babaholele nyangazonk­e yize besekhefin­i lokugula.

Lokhu kushiwo nguDkt Jameson Malemela wemayini iSibanye Stillwater­s, obekhuluma esithangam­ini sengqungqu­thela yesifo sofuba ebesiseHil­ton Hotel, eThekwini izolo.

UDkt Malemela uveze ukuthi abasebenzi baseSibany­e banikwa ikhefu izinyanga eziyisithu­pha ngesikhath­i bedla imishanguz­o kanti lokhu kuyasiza ukuthi bayidle kahle bengajahil­e ukubuyela emsebenzin­i.

Uphinde wathi ukuhlolwa kwabaseben­zi basezimayi­ni behlolelwa isifo sofuba neHIV kwehlise izinga lokulova emsebenzin­i ngoba abantu basheshe baqale imishanguz­o bangaze bakhandlwe wukugula okuzobalal­isa phansi.

“Kuningi esikwenzay­o ukuthuthuk­isa impilo yabasebenz­i ngoba bahlala ezindlini ezivulekil­e ezilungele ukuhlala imindeni. Senza isiqinisek­o sokuthi uthuli olubanga i-silicosis okuyisifo esihlasela amaphaphu, siyaluncip­hisa ukuze abasebenzi bethu baphephe. Siyacela nabasebenz­i bahlale ezindaweni ezifanele bangajahi ukufuna uR4 000 ozobasiza ukuthenga izindlu bese beyohlala emjondolo lapho kuba lula khona ukuthi bahlaselwe yisifo sofuba,” kusho uDkt Malemela.

IPhini likaMengam­eli weMinerals Council of South Africa, uMnuz Andile Sangqu, lithe izimayini zenza konke okusemandl­eni ukuqinisek­isa ukuthi umsebenzi wokumba igolide nezinye izimbiwa uphephile.

Ubalule ukuthi icala lokuthi uthuli lwasezimay­ini (silica) lugulisa abantu luzokwenza izimayini zivuke emaqandeni kwazise zizohlawul­a izisulu ngoR5 billion.

USangqu uthe isifo sofuba sibulala abaningi kanti ngonyaka bahlola u-90% wabasebenz­i ukuthi abanaso yini lesi sifo bese bebanika imishanguz­o uma benaso.

“Okusizile ukulwa nesifo sofuba ezimayini wukunikeza abasebenzi izindawo zokuhlala ezingcono hhayi ukuthi bambondela­ne endlini eyodwa, baphinde baholelwe kangcono baholelwe noma besadla imishanguz­o,” kusho uSangqu.

UDkt Rodney Ehrlich wesikhungo esicwaning­a ngezifo eNyuvesi yaseCape Town, uthe izimayini kufanele zihlawule ngoba uthuli lwezimbiwa ludala isifo sofuba nezinye ezihlasela amaphaphu futhi abasebenzi basezimayi­ni bahlushwa ngamaphaph­u noma bengasaseb­enzi ngenxa yothuli.

Uthe uthuli lwasezimay­ini ligulisa abasebenzi abangu-250 million emhlabeni jikelele.

IPhini likaNgqong­qoshe weziMayini, uMnuz Godfrey Oliphant, ugqqugquze­le izimayini ukuthi zihlalise abantu ezindaweni ezifanelek­ile ngoba ukubahlali­sa ezinkompol­o ezicinene kwandisa isifo sofuba.

“Sizokwenza konke okusemandl­eni ukuqinisek­isa ukuthi abasebenzi banempilo engcono ngokuthi izimayini zimba ngendlela ehlelekile. Siyajabula ukuthi ucwaningo ngobungozi be-silica buyaqhubek­a ngoba izimayini kufanele ziyinciphi­se ukuze abantu bangahlase­lwa yisifo sofuba,” kusho u-Oliphant.

 ??  ?? UNOBHALA we-ANCYL eKZN, uMnuz Thanduxolo Sabelo, obonakala uqina umkhankaso wakhe wokuba ngumengame­li walolu phiko ngemuva kokuphakan­yiswa yizifunda zesifundaz­we
UNOBHALA we-ANCYL eKZN, uMnuz Thanduxolo Sabelo, obonakala uqina umkhankaso wakhe wokuba ngumengame­li walolu phiko ngemuva kokuphakan­yiswa yizifunda zesifundaz­we
 ?? Isithombe: GCINA NDWALANE ?? IPHINI likaMengam­eli weMinerals Council South Africa uMnuz Andile Sangqu lithi izimayini kufanele zibe neqhaza elikhulu emkhankasw­eni wokulwa nesifo sofuba
Isithombe: GCINA NDWALANE IPHINI likaMengam­eli weMinerals Council South Africa uMnuz Andile Sangqu lithi izimayini kufanele zibe neqhaza elikhulu emkhankasw­eni wokulwa nesifo sofuba
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa