Owe-UN uncome uhulumeni ngofuba
USOLWAZI Keertan Dheda owenza ucwaningo ngesifo sofuba eNingizimu Afrika uthe bangu-4.26 million abantu bakuleli abanalesi sifo kodwa abangazi ngenxa yokuthi abakahlolwa.
UDkt Dheda ubekhuluma engqungqutheleni yesifo sofuba eseNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini.
Uthe ngonyaka uhulumeni usebenzisa uR100 billion ukulwa nesifo sofuba ikakhulukazi leso esingalapheki kalula ngenxa yokuthi abantu abasasizakali ngamaphilisi ajwayalekile.
Uveze ukuthi izimayini namajele yizona zizinda zesifo sofuba futhi bazothutheleka khona ukuqinisekisa ukuthi kuhlolwa wonke umuntu ukuze abantu baphile isikhathi eside.
Uthe u-80% wabantu abaphila neHIV banesifo sofuba.
Umethuli wezinhlelo zethelevishini, uGerry Elsolonoyinxusa lesi sifo sofuba, ugqugquzele abantu ukuthi bazihlolelele lesifo ngoba akufanele babulawe yisona kwazise imishanguzo itholakala mahhala kuyo yonke imitholampilo kahulumeni.
“Isifo sofuba sihlasela wonke umuntu futhi kulo nyaka sizothathelwa phezulu njengoba kuzoxoxwa ngaso emhlanganweni wenhlangano yezizwe i-United Nations (UN),ozoba seNew York ngoSepthemba. Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi sigulisa wonke umuntu emhlabeni futhi kufanele sisheshe sisukunyelwe,” kusho uGerry.
Ugqugquzele abanesifo sofuba ukuthi baphuze imishanguzo yabo bayiqede ngisho sebezizwa bengcono ngoba uma bengayiqedi bazibeka engcupheni yokungenwa yisifo sofuba esingalapheki ngamaphilisi ajwayelekile.
Umphathi wohlelo olulwa nokubhebhetheka kwesifo sofuba kwi-UN, uDkt Lucica Ditiu, uthe uNgqongqoshe wezeMpilo eNingizimu Afrika uDkt Aaron Motsoaledi nohulumeni wakuleli uyisibonelo esihle ekulweni nezifo eziwuhlupho, esofuba neHIV ngokunikeza abantu imishanguzo.
Uthe amanye amazwe kufanele abukelele kuleli uma efuna ukuqeda ukufa kwabantu ngoba isifo sofuba sihamba phambili ekubulaleni abantu.
“Ngiyajabula ukuthi uma kukhulunywa ngesifo sofuna neHIV sibona iPhini likaMengameli wezwe, uNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke naKwaZulu-Natal neMeya yeTheku ngoba lokhu kusho ukuthi abantu bayakhishelwa imishanguzo futhi uhulumeni uyayithenga nemishini ezosiza ukuhlola abantu bengakalali phansi ngenxa yesifo sofuba. Kwamanye amazwe kunzima nokuthola uNgqongqoshe wezeMpilo ukuthi azokhuluma ngesifo sofuba kodwa eNingizimu Afrika sibona uhulumeni esisukumela, yinhle lento eniyenzayo, siyafisa abanye bafunde kunina,” kusho uDkt Ditiu.
Uthe iNingizimu Afrika inenhlanhla ngokuba noNgqongqoshe ofana noMotsoaledi owenze ukuthi i-UN ikubone kubalulekile ukuzoxoxoxa ngesifo sofuba ukuze namanye amazwe asisukumele.
“Isifo sofuba asinakwa kwamanye amazwe kodwa ngoba iNingizimu Afrika inemishini eminingi yokusihlola i-UN ifuna kuxoxwe ngaso futhi uMotsoaledi acobelele ozakwabo ngolwazi lokulwa nalesi sifo. Ezweni lami (iRomania) elingaphansi kwe-European Union sinemishini engu-12 enobuchwepheshe besimanje yokuhlola isifo sofuba. Siyajabula ukuthi eNingizimu Afrika abantu bakhona banikwa yonke imishanguzo nezinsiza zokuthi baphile, siyacela amanye amazwe asike iphethini,” kusho uDkt Ditui.