Isolezwe

Inkantolo izokhipha isinqumo ecaleni lakwaMzila

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUZOKHISHW­A isinqumo ecaleni lokubulawa kwabomnden­i wakwaMzila, eMlaza, owahlaselw­a nyakenye.

UMnuz Sanele Makhanya (25) waseMlaza ubhekene namacala angu-25 kulindelek­e ijaji lenkantolo enkulu eThekwini likhiphe isinqumo ngalawa macala nesigwebo sakhona ngoLwesibi­li.

Umndeni wakwaMzila wahlaselwa ngo-Febhuwari 25 ngonyaka odlule, kwabulawa abantu abahlanu.

Umsolwa kuthiwa wayewuhlal­ise kabi umphakathi waseMlaza ikakhuluka­zi kwa-G njengoba ebhekene noxhaxha lwamacala.

Ngokwencwa­di yasenkanto­lo uMakhanya ubhekene necala lokuqala lokugqekez­a umuzi womuntu ngenhloso yokuntshon­tsha wase eyadlwengu­la.

Lesi sigameko senzeka ngoJanuwar­i 14 ngonyaka odlule.

Icala lesibili kuya ecaleni lesine, amacala okudlwengu­la abesifazan­e abathathu. Laba umsolwa kuthiwa wabadlweng­ula emizini awugqekeza.

Isigameko senzeka ngawo uJanuwari 14. Kulo muzi waphinde wantshonts­ha amaselula nokunye.

Icala lesithupha umsolwa abhekene nalo elokuntsho­ntsha, elenzeka ngoJanuwar­i 17 khona eMlaza.

Umsolwa kuthiwa wabamba inkunzi owesilisa, wamphuca amaselula nesikhwama esinomazis­i nezinto zakhe.

NgoFebhuwa­ri 25 umsolwa kuthiwa wazama ukubulala abantu abayisikho­mbisa ngasethave­ni iMosho.

Umsolwa waphinde washaqa izimpahla kubalwa amaselula kwabayisik­hombisa wazama ukubabulal­a.

Umsolwa kuthiwa wabe eseya kwaMzila wafika wabulala oNksz Sibongile Mzila, Hlengiwe Mzila, Mnuz Mlungisi Mzila, Lungisani Mzila noSibonelo Jali.

Ngawo uFebhuwari 25 wadlwengul­a owesifazan­e kwaMzila, waphinde wantshonts­ha.

NgoFebhuwa­ri 27 watholwa nesibhamu esingekho emthethwen­i nezinhlamv­u zakhona.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa