Inkantolo izokhipha isinqumo ecaleni lakwaMzila
KUZOKHISHWA isinqumo ecaleni lokubulawa kwabomndeni wakwaMzila, eMlaza, owahlaselwa nyakenye.
UMnuz Sanele Makhanya (25) waseMlaza ubhekene namacala angu-25 kulindeleke ijaji lenkantolo enkulu eThekwini likhiphe isinqumo ngalawa macala nesigwebo sakhona ngoLwesibili.
Umndeni wakwaMzila wahlaselwa ngo-Febhuwari 25 ngonyaka odlule, kwabulawa abantu abahlanu.
Umsolwa kuthiwa wayewuhlalise kabi umphakathi waseMlaza ikakhulukazi kwa-G njengoba ebhekene noxhaxha lwamacala.
Ngokwencwadi yasenkantolo uMakhanya ubhekene necala lokuqala lokugqekeza umuzi womuntu ngenhloso yokuntshontsha wase eyadlwengula.
Lesi sigameko senzeka ngoJanuwari 14 ngonyaka odlule.
Icala lesibili kuya ecaleni lesine, amacala okudlwengula abesifazane abathathu. Laba umsolwa kuthiwa wabadlwengula emizini awugqekeza.
Isigameko senzeka ngawo uJanuwari 14. Kulo muzi waphinde wantshontsha amaselula nokunye.
Icala lesithupha umsolwa abhekene nalo elokuntshontsha, elenzeka ngoJanuwari 17 khona eMlaza.
Umsolwa kuthiwa wabamba inkunzi owesilisa, wamphuca amaselula nesikhwama esinomazisi nezinto zakhe.
NgoFebhuwari 25 umsolwa kuthiwa wazama ukubulala abantu abayisikhombisa ngasethaveni iMosho.
Umsolwa waphinde washaqa izimpahla kubalwa amaselula kwabayisikhombisa wazama ukubabulala.
Umsolwa kuthiwa wabe eseya kwaMzila wafika wabulala oNksz Sibongile Mzila, Hlengiwe Mzila, Mnuz Mlungisi Mzila, Lungisani Mzila noSibonelo Jali.
Ngawo uFebhuwari 25 wadlwengula owesifazane kwaMzila, waphinde wantshontsha.
NgoFebhuwari 27 watholwa nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu zakhona.