Isolezwe

Kufufusa isiteleka eNyuvesi iFort Hare

- INTATHELI YESOLEZWE

INEHAWU ilungisele­la isiteleka enyuvesi yaseFort Hare kulandela ukubhuntsh­a kwezingxox­o zamaholo.

UNobhala jikelele uMnuz Zola Saphetha uthe umxazululi, iCCMA ikhiphe isitifiket­i sokuthi abavumelan­i ngoba umqashi akafuni ukuhlangab­ezana nezimfuno zabo.

Uthe umqashi ulokhu ehlehlisa ukuthi baye ezingxoxwe­ni kusuka nyakenye ngaphandle kwezizathu ezibambeka­yo.

“Le nyuvesi ayikhokhel­i abasebenzi ngendlela efanele uma uqhathanis­a namanye amanyuvesi angu-25 akuleli. Iyahluleka ukuheha abantu abanamava yingakho silwa ukuze abasebenzi bethu bathole okubafanel­e,” kusho uSaphetha.

Uthe bafuna ukunyuselw­a amaholo ngo-12%, banikwe imali yezindlu enguR500, kubuyekezw­e izimo zokusebenz­a.

“Umqashi uphakamise u-6%, nokunyusa imali yezindlu ngoR100. Siyayichit­ha indaba yokuthi kunxesheze­lwe abasebenzi abayitoho ngoR150 ngoba yimizamo yokubukela phansi abasebenzi,” kusho uSaphetha.

Uthe banethemba lokuthi abaqashi bazoyeka ukuqinisa ikhanda bazehlise baxoxe nabo ukuze kungaphaza­miseki ukufunda nokufundis­a.

“Sisabalind­ele ukuthi beze kuthina sizoxoxa. Sikhona noma yinini sibalindil­e yingakho sifuna ukuthi beze kuthina nento engcono kunalena abayiphaka­misayo okwamanje.”

Kube nokuphazam­iseka ngoLwesibi­li kule nyuvesi njengoba kuthiwa amalungu ale nyunyana ophikweni lwase-East London amise nse ukusebenza ekhala ngokunyuse­lwa imali.

Okhulumela inyuvesi uMnuz Khotso Moabi, uthe izingxoxo zifinyelel­e kwangqinge­tshe ngemuva kokuba iNehawu ifuna ukunyuselw­a amaholo ngo-12% ekubeni bona bebeke u-6%.

UMoabi uthe ayikho imihlangan­o ehleliwe neNehawu wathi kodwa bazimisele ukuxoxisan­a nale nyunyana.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa