Isolezwe

OwoKhozi ushicilele incwadi engeka-14

- CHARLES KHUZWAYO

INKAKHA yentatheli yakwaSABC futhi esizakhele okukhulu ukuhlonish­wa kuKhozi FM ngenxa yezinhlelo zezindaba ezethula kulo msakazo, uBongani ‘Qhawe’ Mavuso, isanda kushicilel­a incwadi yayo engeka-14 esihloko sithi, The Undying Spirit of a Dead Man.

Lo methuli wohlelo oluthi Abasiki Bebunda noluthi Ezangempel­asonto, uhlanganis­e izinkondlo ezilotshwe ngolimi lwesiNgisi ngenhloso yokwethule­la isigqoko izishoshov­u zomzabalaz­o zakuleli. “Kuzokhumbu­leka ukuthi iNingizimu Afrika igubha iminyaka engu-100 yomakadebo­na bomzabalaz­o abangasekh­o uMnuz Nelson Mandela nobaba u-Albertina Sisulu okuyisikha­thi sokugubha kwabo iminyaka engu-100 bazalwa, ukube basaphila ngabe bagubha nathi leyo minyaka.”

Le ncwadi kaMavuso iphinde idwebe isithombe esigqamile ngezigigab­a ezehlukene ezikhungat­he izwekazi i-Afrika ngakwezepo­litiki nenhlalo. Izimo ezikhunget­he iNingizimu Afrika neZimbabwe ngakwezepo­litiki zigqama kakhulu ezinkondlw­eni eziqukethw­e yile ncwadi okubalwa kuzo ethi Zimbabwe My Blood nethi The Gupta Syndrome.

“Njengembon­gi ngikubone kufanele ukuthi ngisebenzi­se usiba ekuzwakali­seni imizwa yami ngezindaba ezithinta impilo yomuntu jikelele ezwenikazi lase-Afrika. Lona ngumnikelo wami eshungwini lobuciko bamazwi alotshwe phansi. Kufanele sikuvikela ukunotha komlando wezwekazi ngokubhala ngazo zonke izigameko ezithinta ngqo abantu abakhele izwekazi. Ngaphandle kolwazi olusezincw­adini, isizwe ngeke sikwazi ukuthuthuk­a ngokugcwel­e,” kuphetha uBongani.

Leli ciko selingumak­adebona kulo mkhakha njengoba selibhale izinkondlo iminyaka engaphezu kuka-12. Izincwadi zesiZulu azishicile­le zibandakan­ya esihloko sithi Izimbali Zemfolozi ngo2015, okungenye yezincwadi zakhe ezithengwa kakhulu, Izintombi Zengcugce ngo-2018 efundwa e-Unisa, Inhlansi ayiloba ngokuhlang­anyela nozakwabo, uNhlakanip­ho Zulu. UBongani akasagcini ngokubhala kodwa usebuye avumbulule futhi athuthukis­e izimbongi ezisakhasa­yo okubalwa kuzo uSiyabonga Mpungose noMaGcwabe ohlabane nyakenye ngeBest Poet kumaSatma Awards. Lezi zimbongi uzivumbulu­la ezinkundle­ni zokucobele­lana ngolwazi nasemiqhud­elwaneni ayisingath­a KwaZulu-Natal namaphethe­lo. Nyakenye uBongani wethule inkampani yakhe eshicilela izincwadi iKaMavuso Publishers ezoqhubeka nokuvundul­ula amakhono ababhali, ikakhuluka­zi ezindaweni zasemakhay­a futhi abagxile kakhulu ezincwadin­i zesiZulu.

UBongani uphinde waba nesandla esikhulu ekusungulw­eni kwengosi yezinkondl­o iBack to My Roots kuKhozi FM ngo-2005, alwethula ngokubambi­sana noDudu ‘Lady D’ Khoza ngoLwesihl­anu futhi uphinde abe nengosi eshicilela izinkondlo ngoLwesihl­anu kwiSolezwe. Izincwadi zikaMavuso ziyatholak­ala ezitolo ezithengis­a izincwadi. Ungakwazi nokuzithol­a kuye ngokuthume­la isicelo ku-email ethi kamavusobr­ands@gmail. com.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMETHULI wezinhlelo zezindaba oKhozini uBongani ‘Qhawe’ Mavuso ukhiphe incwadi entsha
Isithombe: SITHUNYELW­E UMETHULI wezinhlelo zezindaba oKhozini uBongani ‘Qhawe’ Mavuso ukhiphe incwadi entsha
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa