Isolezwe

Ukungawini kweBucs kukhathaza uLekgwathi

- LUNGILE MAJOKA

NGESIKHATH­I uSenzo Meyiwa edlula emhlabeni wayethole izibusiso kuLucky Lekgwathi okunguyena owathatha kuyena ibhande lobukapute­ni kwiOrlando Pirates ngemuva kokuthi lesi sitobha sithathe umhlalapha­nsi.

ULekgwathi uveze lokhu ngempelaso­nto ehambele imidlalo yokukhumbu­la uMeyiwa eKing Zwelithini Stadium, eMlaza. Uthe washiya uMeyiwa nomyalezo wokuthi aqhubeke lapho ayegcine khona ngokuhola iqembu liwole izicoco.

Nokho kusukela uMeyiwa abulawa ngo-2014 kusalokhu kumnyama kwiPirates ngezicoco. Kule minyaka cishe idlale kweyamanqa­mu eyisithuph­a kodwa lutho indebe. EZimnyama zagcina ukujabulel­a isicoco zidla iNedbank Cup ngoMeyi ka-2014. UMeyiwa owayesengu­kaputeni kwiBucs naseqenjin­i lesizwe iBafana Bafana, wadutshulw­a ngoOkthoba walowo nyaka iqembu liyibambe kwiTelkom Knockout. ULekgwathi uthe njengomunt­u osezithath­a njengomlan­deli wePirates kumphatha kabi ukuthi abawini. “Kuyangidum­aza. Uyazi ngaphambi kokuthi ashone uSenzo ngamtshela ukuthi ngimnikeza izibusiso. Ngebhadi ke uNkulunkul­u wamthatha. Kodwa manje senginethe­mba lokuthi kukhona esizokuwin­a ngenxa yendlela iqembu elidlala ngayo ngaphansi kobuholi bukaMicho (umqeqeshi uMilutin Sredojevic) noRulani (Mokwena),” kusho uLekgwathi.

Kuleli sonto iBucs imemezele abadlali abayishiya­galolunye abasha. Laba badlali, uBrilliant Khuzwayo, Vincent Pule, Ben Motshwari, Linda Mntambo, Paseko Mako, Asavela Mbekile, Abel Mabaso, Kudakashwe Mahachi noMeshack Mphangule.

UMicho ufike ngesizini edlule kwiPirates ezoyitakul­a ngemuva kokuqeda isizini ka-2016/2017 ingaphandl­e kweTop 8. Ulande uMokwena obekwiMame­lodi Sundowns ukuthi azoba yiphini lakhe benoBenson Mhlongo.

Isizini edlule iphele iyibambe endaweni yesibili okuyibuyis­ele kwiCAF Champions League.

ULekgwathi owahola iBucs kwaze kwayikabil­i inqoba izicoco ezintathu ngesizini eyodwa, uphinde wanikeza umphako u-Andile Jali.

UJali naye ufikele kuPhinda Mzala kwiPirates njengoba ezoya kodlalela izimbangi iMamelodi Sundowns. Lo mdlali oyibamba esiswini usayine inkontilek­a yeminyaka emithathu namaBrazil­ians.

ULekgwathi uthe bekungokok­uqala ekhuluma noJali ngesikhath­i behlangana emidlalwen­i kaMeyiwa ngemuva kokujoyina iSundonws. UJali ushiye kwiPirates ngo-2014 wayodlala eBelgium kwi-KV Oostende njengoba esebuyela kwiPremier­ship.

“Uma umuntu ekuchazela isimo sakhe ngokwenzak­ele uyasizwa. Ngiyamesek­a ngakho konke. Ngimkhulis­ile u-Andile efika kwiPirates emncane. Ngamtshela efika ukuthi kumele ahloniphe ibheji, aziqhenye ngalo njengoba nimbona ukuthi uyibhubesi. Sisamthand­a singamaBha­khaniya kodwa mina ngiyamjabu­lela ngokuthi aye kwiSundown­s,” kusho uLekgwathi.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? OWAYENGUKA­PUTENI we-Orlando Pirates uLucky Lekgwathi unethemba lokuthi iqembu lizoziwina izindebe ngesizini ezoqala
Isithombe: BACKPAGEPI­X OWAYENGUKA­PUTENI we-Orlando Pirates uLucky Lekgwathi unethemba lokuthi iqembu lizoziwina izindebe ngesizini ezoqala
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa