Ogijime iComrades nomthungo usazophinda
OWESIFAZANE ogijime iComrades Marathon enezinyanga ezine ebelethe ngomthungo uthi yize ethwale kanzima kulo mjaho obungempelasonto kodwa usazobuya nangonyaka ozayo.
Bekungokwesibili uRose Nkosi (39) egijima lo mjaho olinganiselwa ku-90km. Uwungenele okokuqala nyakenye, wagijima ekhulelwe engazi wagcina engaqedanga.
NgeSonto yena nezinkulungwane zabanye abagijimi basuke eMgungudlovu bayoqeda eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. UNkosi uqophe u-8:48:07.
Lo mama wezingane ezimbili, umfana ona-17 noLesedi amthole ngoJanuwari, uthe bekunzima endleleni.
Ngesikhathi eqeda uthe bekukhona ukopha okuncane emthungweni.
“Ngizoya kobona udokotela angichazele ukuthi yini inkinga. Kodwa akukho okuyongihlukanisa nokugijima. Endleleni bekunzima nokho ngigcine ngikwazile ukuqeda njengoba nomalume wami ubengikhuthaza endleleni. Ngiyajabula ngokuthi ngiqedile kodwa angigculisekile ngesikhathi engisishayile. Ngonyaka ozayo ngifuna ukugijima amahora ayisikhombisa,” kusho uNkosi obekhuluma neSolezwe izolo esalulama kwizidubulo zomjaho kubo ePitoli.
Umalume wakhe uThomas Mbuyane obegijima umjaho ka-25 nguyena athi umfakele uthando lweComrades.
“Endleleni besihambisana naye kodwa hhayi yonke indlela, ubengikhuthaza.”
Uvumile ukuthi ukugijima kwakhe nomthungo osemusha kuphambene nezeluleko azithola kodokotela.
“Bangizitshela ukuthi ngizolulama ngokugcwele ezinyangeni ezintathu kodwa mina ngemuva kwamasonto amathathu ngase ngigijima. Ngiyazi ukuthi kuyingozi kodwa ngazitshela ukuthi akukho ongeke ukwenze ngoNkulunkulu. NgoJulayi ngizoqala ngingene emgwaqeni ngiziqeqeshela imijaho elandelayo,” kusho yena.
Imijaho ayibhekile iJacaranda City Marathon engo-Okhotha neSoweto Marathon.
“Ngifuna ukusebenzisa iJacaranda ukuzibekisela indawo kwiComrades Marathon yangonyaka ozayo,” kusho uNkosi. ISoweto Marathon yona izokuba ngoNovemba.
Abagijimi abafuna ukungena kwiComrades kumele benze isikhathi esingekho ngaphezulu kwamahora amahlanu emijahweni ka-42km.