Ukungawini kweBucs kukhathaza uLekgwathi
NGESIKHATHI uSenzo Meyiwa edlula emhlabeni wayethole izibusiso kuLucky Lekgwathi okunguyena owathatha kuyena ibhande lobukaputeni kwiOrlando Pirates ngemuva kokuthi lesi sitobha sithathe umhlalaphansi.
ULekgwathi uveze lokhu ngempelasonto ehambele imidlalo yokukhumbula uMeyiwa eKing Zwelithini Stadium, eMlaza. Uthe washiya uMeyiwa nomyalezo wokuthi aqhubeke lapho ayegcine khona ngokuhola iqembu liwole izicoco.
Nokho kusukela uMeyiwa abulawa ngo-2014 kusalokhu kumnyama kwiPirates ngezicoco. Kule minyaka cishe idlale kweyamanqamu eyisithupha kodwa lutho indebe. EZimnyama zagcina ukujabulela isicoco zidla iNedbank Cup ngoMeyi ka-2014. UMeyiwa owayesengukaputeni kwiBucs naseqenjini lesizwe iBafana Bafana, wadutshulwa ngoOkthoba walowo nyaka iqembu liyibambe kwiTelkom Knockout. ULekgwathi uthe njengomuntu osezithatha njengomlandeli wePirates kumphatha kabi ukuthi abawini. “Kuyangidumaza. Uyazi ngaphambi kokuthi ashone uSenzo ngamtshela ukuthi ngimnikeza izibusiso. Ngebhadi ke uNkulunkulu wamthatha. Kodwa manje senginethemba lokuthi kukhona esizokuwina ngenxa yendlela iqembu elidlala ngayo ngaphansi kobuholi bukaMicho (umqeqeshi uMilutin Sredojevic) noRulani (Mokwena),” kusho uLekgwathi.
Kuleli sonto iBucs imemezele abadlali abayishiyagalolunye abasha. Laba badlali, uBrilliant Khuzwayo, Vincent Pule, Ben Motshwari, Linda Mntambo, Paseko Mako, Asavela Mbekile, Abel Mabaso, Kudakashwe Mahachi noMeshack Mphangule.
UMicho ufike ngesizini edlule kwiPirates ezoyitakula ngemuva kokuqeda isizini ka-2016/2017 ingaphandle kweTop 8. Ulande uMokwena obekwiMamelodi Sundowns ukuthi azoba yiphini lakhe benoBenson Mhlongo.
Isizini edlule iphele iyibambe endaweni yesibili okuyibuyisele kwiCAF Champions League.
ULekgwathi owahola iBucs kwaze kwayikabili inqoba izicoco ezintathu ngesizini eyodwa, uphinde wanikeza umphako u-Andile Jali.
UJali naye ufikele kuPhinda Mzala kwiPirates njengoba ezoya kodlalela izimbangi iMamelodi Sundowns. Lo mdlali oyibamba esiswini usayine inkontileka yeminyaka emithathu namaBrazilians.
ULekgwathi uthe bekungokokuqala ekhuluma noJali ngesikhathi behlangana emidlalweni kaMeyiwa ngemuva kokujoyina iSundonws. UJali ushiye kwiPirates ngo-2014 wayodlala eBelgium kwi-KV Oostende njengoba esebuyela kwiPremiership.
“Uma umuntu ekuchazela isimo sakhe ngokwenzakele uyasizwa. Ngiyameseka ngakho konke. Ngimkhulisile u-Andile efika kwiPirates emncane. Ngamtshela efika ukuthi kumele ahloniphe ibheji, aziqhenye ngalo njengoba nimbona ukuthi uyibhubesi. Sisamthanda singamaBhakhaniya kodwa mina ngiyamjabulela ngokuthi aye kwiSundowns,” kusho uLekgwathi.