Uselunikwe ngokugcwele uhlelo
USEZOLUTHATHA ngokugcwele uhlelo lwezingxoxo iReal Talk on SABC3, u-Azania Mosaka (osesithombeni) oke wabamba kulolu hlelo phambilini.
U-Azania uzongena esikhundleni sika-Anele Mdoda omemezele emasontweni amabili edlule ukuthi useyashenxa ukuze abhekane neminye imisebenzi.
Ngesikhathi u-Anele ehlabe ikhefu ngo-Ephreli, ngu-Azania owabamba waze wabuya.
Abadidiyeli bohlelo, iCheeky Media neSABC3, bathe indlela aluphatha ngayo ngesikhathi ebambile babone kufanele ukuthi bamnike lona ngokugcwele.
U-Azania uthe njengoba ethatha lo msebenzi ufuna ukuxoxa nabantu futhi “ngigqugquzele abantu ukuthi baphuphe, ngigqugquzele amantombazane asemancane kanjalo nabesifazane nokufaka amandla amasha kubabukeli ngibe ngibakhumbuza ngamathemba abo namaphupho.”
Umqondisi weCheeky Media, uYusuf Stevens, uthe bajabule ngo-Azania neza nakho ohlelweni.
“Njengoba ngake ngasebenza naye kancane phambilini, siyakwazi ukuzithoba kwakhe, uthando analo, ukuzwelana nabanye nokuziphatha kwakhe okuzokwamukelwa ngababukeli bethu,” kusho uStevens.
Umphathi wakwaSABC3, u-Aisha Mohamed, uthe bajabule ngokwamukela u-Azania emndenini wabo.
Kulolu hlelo kufika izimenywa ezehlukene zikhulume ngezihloko ezithinta impilo. Kufika nosaziwayo bezokhuluma ngempilo yabo.
U-Azania, ozakhele udumo esakaza kwiMetro FM eminyakeni eyedlule, uzoqala emsebenzini ngoMsombuluko.
Uhlelo lukhonjiswa ngo-6 kuya ku-7 ntambama kuSABC3.