Benza imithi ebulala amagciwane emathoyilethi
OSOMABHIZINISI abancane baseThekwini oMnuz Ncedo Shoba (25) waseMlaza noMnuz Thabani Mjadu (23) waseMontclair bagqugquzela intsha ukuthi ivuke izithathe ingalindi uhulumeni ukuthi ayisize. Laba banenkampani eyakha isifutho esibulala amagciwane ezindlini zangasese.
UShoba uthe okwenza waqala ibhizinisi lakhe iLaphenya Pty LTD wukuzwa abesifazane bekhala ngosizi lokungenwa yizifo emuva kokusebenzisa izindlu zangasese zomphakathi.
ILaphenya Pty LTD uShoba uyisungule noMnuz Nkululeko Mahlobo (32) ngo-2014 kanti ikhiqiza umuthi obulala amagciwane iZipp.
“Umkhiqizo wethu ubizwa ngeZipp Toilet Seat Sanitiser kanti ufuthwa ezindlini zangasese ukuze ubulale amagciwane. Umbono wokuqala leli bhizinisi wangifikela emuva kokuthi umngani wami ekhale ngokugula emuva kokusebenzisa indlu yangasese yomphakathi. Saqala ukuzixubela amakhemikhali noNkululeko sathola ukuthi umkhiqizo wethu uyawabulala amagciwane,” kusho uShoba.
Uthe iZipp Toilet Seat Sanitiser ibulala amagciwane endlini yangasese kanti iyafuthwa naphakathi ethoyilethi ukuze umuntu osaba amagciwane aphephe.
“Intsha ayingalindi uhulumeni ukuthi ayakhele amathuba kodwa ayisungule amabhizinisi ukuze idale amathuba omsebenzi,” kusho uShoba.
Uthe kuphephile nokusebenzisa iZipp ezandleni ukuze umuntu abulale amagciwane.
“Njengoba sacishe sashisa umuzi sakhetha ukuthi sisebenzisane nenye inkampani enkulu iGeoChem esixubela amakhemikhali ngendlela ephephile kanti manje sesikwazi ukudayisa imikhiqizo yethu emakhemisi nasezitolo zezimonyo. Siqale sidayisela abangani kodwa ngoba sifuna ukuthuthuka sikwazi ukungena ezitolo,” kusho uShoba.
Uthe uthole inhlanhla yokuqeqeshwa yiRaizcorp ohlelweni oluthuthukisa osomabhizinisi abancane.
UMqondisi weLaphenya, uMjadu, uthe baphinde basizwa yisikhungo esithuthukisa osomabhizinisi abancane, i-Invotech ngemali yokuqala ibhizinisi kanti kukhona nabanye abatshala imali kulona.
“I-Invotech yisikhungo esicathulisa osomabhizinisi abancane kuyimanje sisebenzela eBotanic Gardens Road lapho besiqaphe khona ngeso lokhozi ukuqinisekisa ukuthi iZipp wumkhiqizo owaziwayo eNingizimu Afrika yonkana. Okwamanje idayiswa esitolo sezimonyo esiseMegaCity iBuhlebemvelo, isezitolo zakwaBeauty Zone nayo edayisa izimonyo nasezitolo eziseHoward College naseNyuvesi yaseZululand,” kusho uMjadu.
Uthe selokhu bayethula ezitolo iZipp, abantu bayayithenga futhi bavamise ukusho izinto ezinhle ngayo.
“Indlela abantu abayincoma ngayo sesizimisele nangokuthula iZipp enesithako esinombala othile ngoba okwamanje ibukeka sengathi ingamanzi. Sifuna ukudlondlobala sifinyelele nakwamanye amazwe ase-Afrika,” kusho uMjadu.
Ngonyaka odlule uShoba noMahlobo bahlaba umxhwele amajaji emncintiswaneni wosomabhizinisi abancane i-Engen Pitch & Polish.
UShoba uthe uneziqu zeMaritime neze-Enterprise Development kodwa akangenanga emkhakheni wezasolwandle ngenxa yokuthi wayethanda ukuba nebhizinisi akwazi ukuziphatha.
Uthe banekhasi likaFacebook lapho abantu bebeka khona imibono yabo elithi zipp sanitiser kanti kuTwiiter naku-Instagram baku- zipp_sanitiser.