Kukhalwa ngoSomlomo ‘oweba’ udizili
KUKHALWA ngoSomlomo kaMasipala wasoKhahlamba, KwaZulu-Natal osolwa ngokulimaza izimoto zomkhandlu nokweba udizili kodwa ongathathelwa izinyathelo.
UMnuz Sthembiso Zulu kuthiwa selokhu engene esikhundleni ngo2016, uselimaze izimoto ezimbili zomkhandlu kodwa kugcina kusulelwa abasebenzi.
“Sikhathazekile ngoba njalo amacala athinta uZulu kumasipala ayanyathelwa bese kusulelwe abasebenzi ukuze kujeziswe bona. NgoMgqibelo uthathe imoto yomkhandlu ebekelwe ukuba ashayelelwe yona kodwa yena wazishayelela waya eThekwini. Esebuya washayisana neloli kanti kusolakala nokuthi ubephuzile. Le moto sekungeyesibili eyilimaza. Mayelana nodizili, usebanjwe kaningi ngabasebenzi bakamasipala, ethela udizili emotweni yakhe eyiJeep esizana nomsebenzi wakwa-technical. Nalapho akazange ajeziswe,” kusho elinye ikhansela elicele kugodlwe igama lalo.
Lo mkhandlu uke waba sotakwini eminyakeni eyedlule ngesikhathi kusaphethe iMeya uMnuz Vikizitha Mlotshwa ngaphansi kwe-IFP. Izinkinga zawo okubalwa nenkohlakalo zaholela ekutheni ufakwe ngaphansi komlawuli esigabeni 131 (b) nguhulumeni wesifundazwe.
IMenenja kamasipala, uMnuz Sizwe Nsibande, ivumile ukuthi zibekhona izigameko kodwa kwezinye zazo abukho ubufakazi obuthinta uSomlomo.
“Udaba lwemoto eyiToyota Forturner siyalwazi kodwa akunjengoba nibikelwe. USomlomo ubebuya eThekwini ehamba nomsizi wakhe baba sengozini ehlanganisa iloli. Okwamanje sisenza uphenyo ukuze sithole lonke ulwazi. Nokho silinde nokuba sibikele umkhandlu emhlanganweni olandelayo ngalolu daba ngoba asifihli lutho. Engozini yokuqala uSomlomo nalapho wayehamba nomsizi wakhe bashayisa inyamazane. Nalapho uphenyo lwenziwa salandela yonke imigudu efanele. Kulokhu okuthinta udizili, kuqale amaqembu aphikisayo akuveza sawatshela ukuthi awalethe ubufakazi obubhalwe phansi kodwa ehluleka,” kusho uNsibande.
Uqhube wathi abasebenzi ababethinteka odabeni lukadizili babaqondisa izigwegwe abanye bazivumela babajezisa.
UZulu ethintwa uthe yonke le nto isabalaliswa ngabantu abangaphakathi kuKhongolose abadlala ubuqembuqembu nabamqambela amanga.
“Ngiyazi ukuthi umuntu okubikele lokhu uThulani Sibeko owake waba yiMeya yethu oKhahlamba ngoba washayela ucingo omunye wabasebenzi bakamasipala ngesikhathi siba nengozi. Angimazi ukuthi ngamdlelani uSibeko.. Mina vele utshwala ngiyabuphuza kodwa angiphuzi emotweni. Udizili abawushoyo angiwazi ngoba uma ngiswele imali yawo ngiyicela kuMeya. Imoto ilimele ngoba sigudlwe iloli ku-N3 kwaphuma isibuko. Imoto yokuqala ayizange ilimale kodwa yashayisa inyamazane sayilungisa u-bumper,” kusho uZulu.
USibeko uthe akafuni ukuphawula okuningi kodwa njengesakhamuzi kumphatha kabi ukuthi umkhandlu abawutakula uwile namhlanje babona ubuyiselwa odakeni.