Abathakathi batshikizisa imisila ezinkundleni zokuxhumana
KUBO bonke abantu abathi abamazi umthakathi ngicela ukubazisa ukuthi yibona abayizimpumputhe ezingafuni ukubona umthakathi ephambi kwamehlo abo.
Uyazi mina ngize ngihleke ngizwa abantu bebheda bethi bafisa ukubona umthakathi eqimbile egibele imfene ebheke emuva. Umuntu othi unesifiso sokubona umthakathi ehamba nemfene usuke ekhombisa ukuthi emqondweni wakhe ucabanga uhlobo lwasemandulo lwabathakathi.
Laba bantu abakholelwa kuhlobo oludala lokuthakatha baphila emafilimini okuthi kuzofika izilwane zibadlise imithi belele.
Umuntu akhulume kuze kukholwe abantu ukuthi yena ugula nje yingoba kufike isilwane sikabanibani samdlisa umuthi ephusheni
MaSolezwe ngifisa nazi ukuthi ukuthakatha kwesimanje kuhambisa nobuchwepheshe bamaselula, uma umuntu ethenga amaData azowasebenzisela ukuxabanisa abantu usuke efana nomuntu othenga imithi yokuthakatha.
AmaData lawa ungawabona emahle abantu bewathenga kanti bayowasebenzisa koWhatsApp noFacebook kukhulunywe kabi ngamagama abantu.
Uma ungumuntu osacabanga izimfene nezikhova usuke ususemuva kakhulu ngoba abathakathi besimanje bagibela izimfene ezingamaData.
Kumuntu ongazi ukuthi abathakathi besimanje batholakala kuphi okaVolos uthi akangafuni kude kodwa akangene ezinkundleni zokuxhuma lapho ezothola khona abathakashana betshikizisa imisila.
Abantu banamuhla abathakathi ngemithi kodwa basebenzisa imilomo yabo, uthole ukuthi umuntu uhleka nabantu kodwa bona bayamhleba bambeka izici.
Umuntu ohlebayo usuke ewukhokhovu lomthakathi ojuqa abantu bengamboni ngoba uthi ebahlekisa kodwa abakhulume kabi esithe.
Uma usutholile ukuthi umuntu osondelene naye unenhlebo kufanele wazi ukuthi uzwana nomthakathi ozokonela impilo yakho.
Okubi ngabathakathi benhlebo wukuthi banolimu olumnandi, bathi bekuhlebela izindaba ezikuphatha kabi kodwa bakwenze isilima bathi bayakuthanda.
Mina ngize ngihleke uma ngizwa abantu bekhuluma ngomthakathi kodwa ephakathi kwabo naye ebabaza engathi akazi lutho.
Uthole ukuthi abantu bayakhala bathi bafakwe izichitho ezenza baxoshwe emsebenzini, benziwa ukungaboni ukuthi phakathi kwabo kukhona ixoki elibakhuluma kabi kubaqashi.
Ubuxoki buwubuthakathi obungadingi ukwelekelelwa ngomuthi, uma umuntu exokiza usuke egibele imfene yokuthakatha engumlomo.
Ngisho nasemindenini kuxatshanwa kunukwane kuthiwe kunabathile abaphehla amanzi amnyama, besho bedlala ixoki eliqhatha umndeni ngezinkulumo eziwubuthakathi.
Bakwethu angisho ukuthi kukholweni engikushoyo kodwa ngithi ubuthakathi besimanje busabalele kakhulu ngoba nokukokotelwa kwamathenda kuwubuthakathi.
Umuntu ogwazela ithenda usuke ethakatha abantu ancintisana nabo ngoba basuke benethemba lokuthola ithenda kanti yena useligwazele.
Kuyinto edabukisayo ukubona abantu bedlala ngesikhathi bethi bahubha amathenda benziwa wukungaqondi ukuthi amathenda aloywe ngabathakathi bemali yomgwazo.
Indaba yobuthakathi iyahlekisa ngoba nakwipolitiki iyangena, kudala besazi ukuthi ngamabhunu angabathakathi abafuna ukuqeda i-ANC.
Namuhla uma ungabuza ukuthi ngubani othakatha uKhongolose ungezwa abanye bekhala ngoZuma bethi nguyena ophehla amanzi amnyama ahlukanisa iqembu.
Ngokunjalo noma ungathi uyobuza uZuma ukuthi uthakathwa ngubani njengoba ebhekene nezinkinga zamacala, naye angakhala ngokuthi umkhuba usekhaya kwaKhongolose kunabathile abambophela amanqina enyathi.