OwamaBhokobhoko ufuna kunikwe abadlali ithuba
NJENGOBA iqembu lesizwe laseNingizimu Afrika amaBhokobhoko selisalelwe imidlalo ewu-16 kuphela ngaphambi kweNdebe yoMhlaba ezoba seJapan ngonyaka ozayo, umqeqeshi waleli qembu uRassie Erasmus uthi kubalulekile ukuba kunikezwe abanye abadlali ithuba lokuzibonakalisa kwelesizwe.
U-Erasmus uchazele izintatheli eBloemfontein ngezinguquko azenze eqenjini lesizwe elizobhekana ne-England kusasa eToyota Stadium, eBloemfontein ngo-5 ntambama. Lo mqeqeshi wenze izinguquko ezimbili eqenjini elizobhekana ne-England kusasa. UFrans Malherbe uzoqala kunombolo 3 kanti uWilco Louw akekho eqenjini losuku.
UPieter-Steph du Toit uzoqala kunombolo 7 kuthi umdlali weSharks uJean-Luc du Preez aqale ebhentshini.
“Kubalulekile ukuthi sigoqe lolu chungechunge lwemidlalo. Nokho ngiyafisa futhi sikufake emqondweni ukuthi sinikeze bonke abadlali ithuba lokuzibonakalisa ngoba nemidlalo iya ngokuya ishoda ngaphambi kweNdebe yoMhlaba. Okubaluleke kakhulu ukuthi asifuni abadlali bakhathale, kanti futhi sifuna nokuzama ukwakha ubudlelwano obuhle bokudlala kubadlali abehlukene,” kuchaza u-Erasmus etshela izintatheli.
Ukunqoba kwamaBhokobhoko umdlalo wakusasa kuzobe kusho ukuthi aselunqobile uchungechunge lwemidlalo emithathu. Emdlalweni wokuqala ezika-Erasmus zinqobe ngo 42-39, e-Ellis Park eGoli.
Egcina ukudlalela eBlomfontein la maqembu, amaBhokobhoko anqoba ngo 58-10 ngo-2007. Isikwati esizoqala umdlalo: 15 Willie le Roux 14 S’bu Nkosi 13 Lukhanyo Am 12 Damian de Allende 11 Aphiwe Dyantyi 10 Handre Pollard 9 Faf de Klerk 8 Duane Vermeulen 7 Pieter-Steph du Toit 6 Siya Kolisi (captain) 5 Franco Mostert 4 RG Snyman 3 Frans Malherbe 2 Bongi Mbonambi 1 Tendai Mtawarira