IBaroka izilungiselela isizini ezayo kwi-PSL
NGESIKHATHI iningi lamaqembu akwiPremier Soccer League kungacaci ngezinguquko azozenza ukulungiselela isizini entsha, iBaroka FC, ingelinye lambalwa amatasa enza ushintsho.
Ngemuva kokumemezela uWedson Nyirenda njengomqeqeshi omusha, izolo iBaroka ekhasini layo kwi-twitter iveze amagama abadlali abane ebachithayo.
Kubalwe uLewis Macha, Punch Masinamela, Mzwanele Mahashe noRethabile Soso.
Izolo imenenja yeBakgaga, uMorgan Mammila, ayifunanga ukuphawula ngalezi zinguquko.
“Sizomemezela yonke into kusasa (namuhla) ngo-12. Kukhona abavele bafaka lawo magama ngingashongo. Yimina oshoyo uma kuzoba nezinguquko eqenjini,” kusho uMammila. Namuhla kulindeleke ukuthi iqembu limemezele nabadlali abasha.
Amanye amagama avelile kwabezindaba kwabazohamba elikaVirgil Vries, Robin Ngalande noSipho Moeti.
Akuqinisekisile wukuthi uDoctor Khumalo useyingxenye yeqembu.
UKhumalo umataniswa nokubuyela kwiKaizer Chiefs okusabhekwe ukuthi imemezele umqeqeshi.
“Ukhona uyinhloko yosomaqhinga eqenjini,” kusho uMammila. Uthe uKhumalo akakaze akuveze kubona ukuthi ufisa ukushiya.
Ngesizini edlule iBaroka ixoshe uKgoloko Thobejane, imsola ngokuphuza nabadlali. UMcDonald Makhubedu ubambile kodwa kuthe uma engasayitholi imiphumela egculisayo kwagcina sekuhleli uKhumalo ebhentshini emidlalweni yokugcina.
Khonamanjalo, iphinde yaqhamuka imibiko yokuthi wesulile uVeselin Jelusic ekubeni umqeqeshi weBloemfontein Celtic. Kulokhu kuphume isitatimende okuthiwa sikhishwe nguye eqinisekisa ukuthi akukho osekumhlanganisa naleli qembu laseFree State. Phambilini isikhulu esiphezulu, uKhumbulani Konco, ukuphikile ukusula kukaJelusic.