Iwashaya ngobunono amakhona iPolo GTI
NOMA ngigula uwena umakhenikha, njengeVW eTinaga.” Lona wulayini wengoma kaHeavy K owawushaywa yisilomo somculi we-kwaito, uProfessor, engomeni ayempike kuyo eyashisa izikhotha ethi Beautiful War.
Ucula kanjena nje, yingoba eTinaga (Uitenhage) e-Eastern Cape, yilapho khona kunemboni yakwaVolkswagen eNingizimu Afrika.
Kule mboni yilapho futhi kukhiqizwa khona iVW Polo entsha eyethulwe ngokusemthethweni eKapa ngesonto eledlule. Ukwakhiwa kwayo kuleli kwenze ukuthi inani lentsha lithi ukuncipha uma iqhathaniswa nendala. Bheka ngoba endala yayibiza uR387 000 kodwa entsha ibiza uR387 500.
Ukuncipha kwenani nokho akusho ukuthi kunciphe nezinga le moto elikuyo. Izinhlamvu ezithi GTI (Gran Turismo Injection) kwabaningi zisho ijubane.
Ezimnandi kulabo wukuthi bayigaxe injini engu-2.0 turbo okokuqala ngqa. Edlule yayishaya ngengu-1.8 litre enamandla angu141kW/250Nm.
Entsha yona ifuqa amandla angu-147 kW netorque engu-320 Nm. Lokhu kuyenza ukuthi isuke ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwana engu-6.7 kuthi ijubane elikhulu kube ngu-237 km/h. Ifika ne-6-speed dual clutch gearbox DSG.
Emgwaqweni igxuma ihlale ngokushesha ejubaneni futhi ikhipha nomsindo wodumo we ‘vrrr pha”. Kodwa okufike kwangithatha yindlela enamathela ngayo emakhoneni ngenxa ye XDS differential lock.
Yenza ukuthi uphume uyinhlamvu ekhoneni ngoba iyakulawula ukuthi ingaphumi emzileni. Iphinde futhi ibe ne Electronic Stability Control.
Uma ubambe isiteringi uyezwa ukuthi uwe oyilawulayo ngoba lapho usikhomba khona nekhala libheka khona.
Umshayeli angakwazi ukukhetha ukuthi ifike neSport Select ukuze umshayeli ayikhethe ukuthi ufuna ihambe kanjani phakathi kukaNormal, Sport, Eco no-Individual.
Uma ingenayo iba noNormal noSport kuphela.
Iyimoto ongaphila nayo nsukuzonke ngoba ngebanga lika100km isebenzisa amalitha angu5.9.
Iqhubeka ekhasini 6