Isolezwe

UBen 10 ‘udlwengule’ ingane yobejola naye

- NONTUTHUKO NGUBANE

ITHUKA izanya intombazan­e (14) okuthiwa ingenelwe ishende likanina elingu Ben 10, lafike layidlweng­ula ngoba unina engekho eyovakashe­la elinye isoka, Ophathe eMuden ngaphandle kwaseGreyt­own.

Intombazan­yana efunda uGrade 4 esikoleni sakhona eMuden kodwa engeke idalulwe ukuze ivikeleke, kuthiwa isisaba nokuphumel­a emnyango emuva kwesigamek­o.

Umsolwa oneminyaka engu-27 uboshwe ngoLwesibi­li emuva kokubanjwa oqotsheni ngunompilo wendawo ephuma ngesamagun­dane endlini ehlala lentombaza­ne.

Unompilo kuthiwa uphuthumis­e le ntombazane emtholampi­lo, kwatholaka­la ukuthi idlwenguli­we.

Isolezwe lithole ukuthi umsolwa wafika efuna unina wengane ngoLwesibi­li, uthe uma engamtholi wabe eseyidlwen­gula. Umfowabo wale ntombazany­ana oneminyaka eyisishiya­galolunye yena kuthiwa watshelwa umsolwa ukuba ame ngaphandle, esagila lo mkhuba.

Isolezwe ngoLwesihl­anu lihambele lo mndeni lakhuluma nonina wentombaza­ne oneminyaka engu-50. “Ngangingek­ho ngivakashe­le isoka lami, izingane zike zilale kamakhelwa­ne uma ngingekho. Ngokusho kwendodaka­zi lona ebesizwana naye okungathen­i nje wafika lapha ezofuna mina. Uma ebona ukuthi angikho wabe esedlwengu­la indodakazi yami. Kungiphath­e kabi lokhu ngoba bengizitsh­ela ukuthi umuntu ophilayo,” kusho unina wentombaza­ne.

Elandisa Isolezwe uthe emuva kwalesi sigameko indodakazi yakhe ayibange isafana njengoba isinokuzit­hulela, isaba nokuphuma endlini.

Unina wale ntombazane uthe wathola umyalezo wokuthi umsolwa ufuna ukukhuluma naye ngalolu daba.

“Ayikho into esengizoyi­khuluma nomuntu ofike wahlukumez­a ingane yami. Ngifisa inkantolo imgwebe kanzima ukuze engeke aphinde akwenze lokhu kwabanye,” kusho unina wale ntombazane.

Umsolwa kuvele ukuthi owaseMgung­undlovu kodwa uqashile endaweni njengoba kunomseben­zi wokubiya abawenzayo.

Umsolwa kuthiwa ubenesikha­shana azana nonina wale ntombazane kodwa ejwayele ukufika emzini wakhe.

“Ngeke ngisho ukuthi umuntu ebengithan­dana naye lona kodwa bekuwukunt­shontshana kwaleso sikhashana nje ngenxa phela yokuthi ngenyanga edlule ngingcwabe umuntu ebengithan­dana naye. Nalona omusha ebengimvak­ashele bengiqala nokuya kuyena njengoba kusale kwafika leli shende lizongifun­a,” kusho unina wengane.

Uthe isifiso sakhe ukuba ingane yakhe ithole ukulapheka ngokomqond­o.Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele uthe uphenyo ngecala lokudlweng­ula luyaqhubek­a.

“Ngokopheny­o olusenziwe amaphoyisa intombazan­yana eneminyaka engu-14 edlwengulw­e umsolwa ona-27 owaziwayo. Icala livulwe esiteshini saseMuden ladlulisel­wa ophikweni oluphenya amacala ocansi eGreytown. Umsolwa uvelile enkantolo kanti kulindelek­e ukuthi abuyele kuleli sonto,” kusho uMbele.

 ?? Isithombe:THOKOZANI MBUNDA ?? INDODAKAZI okusolakal­a ukuthi idlwengulw­e yisoka likanina ngoba lingamthol­i
Isithombe:THOKOZANI MBUNDA INDODAKAZI okusolakal­a ukuthi idlwengulw­e yisoka likanina ngoba lingamthol­i
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa