UBen 10 ‘udlwengule’ ingane yobejola naye
ITHUKA izanya intombazane (14) okuthiwa ingenelwe ishende likanina elingu Ben 10, lafike layidlwengula ngoba unina engekho eyovakashela elinye isoka, Ophathe eMuden ngaphandle kwaseGreytown.
Intombazanyana efunda uGrade 4 esikoleni sakhona eMuden kodwa engeke idalulwe ukuze ivikeleke, kuthiwa isisaba nokuphumela emnyango emuva kwesigameko.
Umsolwa oneminyaka engu-27 uboshwe ngoLwesibili emuva kokubanjwa oqotsheni ngunompilo wendawo ephuma ngesamagundane endlini ehlala lentombazane.
Unompilo kuthiwa uphuthumise le ntombazane emtholampilo, kwatholakala ukuthi idlwenguliwe.
Isolezwe lithole ukuthi umsolwa wafika efuna unina wengane ngoLwesibili, uthe uma engamtholi wabe eseyidlwengula. Umfowabo wale ntombazanyana oneminyaka eyisishiyagalolunye yena kuthiwa watshelwa umsolwa ukuba ame ngaphandle, esagila lo mkhuba.
Isolezwe ngoLwesihlanu lihambele lo mndeni lakhuluma nonina wentombazane oneminyaka engu-50. “Ngangingekho ngivakashele isoka lami, izingane zike zilale kamakhelwane uma ngingekho. Ngokusho kwendodakazi lona ebesizwana naye okungatheni nje wafika lapha ezofuna mina. Uma ebona ukuthi angikho wabe esedlwengula indodakazi yami. Kungiphathe kabi lokhu ngoba bengizitshela ukuthi umuntu ophilayo,” kusho unina wentombazane.
Elandisa Isolezwe uthe emuva kwalesi sigameko indodakazi yakhe ayibange isafana njengoba isinokuzithulela, isaba nokuphuma endlini.
Unina wale ntombazane uthe wathola umyalezo wokuthi umsolwa ufuna ukukhuluma naye ngalolu daba.
“Ayikho into esengizoyikhuluma nomuntu ofike wahlukumeza ingane yami. Ngifisa inkantolo imgwebe kanzima ukuze engeke aphinde akwenze lokhu kwabanye,” kusho unina wale ntombazane.
Umsolwa kuvele ukuthi owaseMgungundlovu kodwa uqashile endaweni njengoba kunomsebenzi wokubiya abawenzayo.
Umsolwa kuthiwa ubenesikhashana azana nonina wale ntombazane kodwa ejwayele ukufika emzini wakhe.
“Ngeke ngisho ukuthi umuntu ebengithandana naye lona kodwa bekuwukuntshontshana kwaleso sikhashana nje ngenxa phela yokuthi ngenyanga edlule ngingcwabe umuntu ebengithandana naye. Nalona omusha ebengimvakashele bengiqala nokuya kuyena njengoba kusale kwafika leli shende lizongifuna,” kusho unina wengane.
Uthe isifiso sakhe ukuba ingane yakhe ithole ukulapheka ngokomqondo.Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele uthe uphenyo ngecala lokudlwengula luyaqhubeka.
“Ngokophenyo olusenziwe amaphoyisa intombazanyana eneminyaka engu-14 edlwengulwe umsolwa ona-27 owaziwayo. Icala livulwe esiteshini saseMuden ladluliselwa ophikweni oluphenya amacala ocansi eGreytown. Umsolwa uvelile enkantolo kanti kulindeleke ukuthi abuyele kuleli sonto,” kusho uMbele.