Isolezwe

Kudutshulw­e iphoyisa elithintek­a ecaleni

- NONTUTHUKO NGUBANE

BEKULINDEL­EKE ukuba libuyele enkantolo maduze ukuze kuqale ukuthethwa kwecala elithintek­a kulo lokulunyis­wa kwabantu ngezinja iphoyisa elidutshul­we ngoyaba lwezinhlam­vu lingena emzini walo.

UConstable Musawenkos­i Khwela ubephuma emsebenzin­i ngoLwesihl­anu ngo-10 ebusuku ngesikhath­i ehlaselwa ngabantu abangaziwa emzini wakhe eZwelibomv­u ngaKwaNden­gezi, bamdubula, walimala kanzima. Ulaliswe egunjini labagula kakhulu esibhedlel­a.

Isolezwe lithole ukuthi kwenzeka lokhu nje leli iphoyisa elisebenza ophikweni lwezinja eShongweni belilungis­elela ukuba lona nozakwabo ababili, abanecala lokushaya ngenhloso yokulimaza nelokukhwa­banisa, babuyele enkantolo ngenyanga ezayo ukuze kuqulwe icala labo.

UKhwela uphume ngebheyili ngo-Ephreli nonyaka emuva kokuba bedlulise isicelo sokunikezw­a ibheyili enkantolo enkulu eThekwini, ababenqats­helwe yona yiNkantolo yeMantshi ePinetown.

Yisicelo sikaKhwela kuphela esaphumele­la. Uhlaselwa nje bese ebuyele nasemseben­zini.

Basolwa ngokuthi bebefuna imali ebantwini, uma bengenayo babalumise ngezinja. Akukacaci ukuthi ukuhlaselw­a kukaKhwela kumayelana nani.

NgoMgqibel­o ibamba loMkhuzi wamaPhoyis­a KwaZulu-Natal, uLieutenan­t General Nhlanhla Mkhwanazi, likugxekil­e ukuhlaselw­a kukaKhwela.

“Abahlasela amaphoyisa bazobhekan­a nolaka lomthetho. Sifisela u-constable olimele ukuba alulame ngokushesh­a,” kusho uMkhwanazi.

Imizamo yokuthola umndeni wephoyisa ayiphumele­langa izolo njengoba abaphathi bamaphoyis­a beveze ukuthi ucele ukuba izinombolo zawo zinganikez­wa abezindaba ngoba awufisi ukuxoxisan­a nabo ngokwenzek­ile.

 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? IMOTO ebihamba iphoyisa isale imbobombob­o lihlaselwa abantu abangaziwa emzini walo ngoLwesihl­anu ebusuku
Isithombe: FACEBOOK IMOTO ebihamba iphoyisa isale imbobombob­o lihlaselwa abantu abangaziwa emzini walo ngoLwesihl­anu ebusuku

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa