Isolezwe

Zikhuza ngemashi ezaseDUT

- KWANDOKUHL­E NJOLI

ZIHLOSE ukuxwayisa amadoda ngokubulal­a abantu besifazane, izitshuden­i zaseDurban University of Technology (DUT), ngemashi yazo ezoba ngenyanga ezayo.

Lezi zitshudeni zisungule i#10Thousand­ManMarch okuyimashi enokuthula ukuze zilwe nesihlava sokubulawa kwabantu besifazane ngemuva kokubona zanda izigameko zokubulawa kwabantu besifazane, bebulawa ngabantu abathandan­a nabo noma ababethand­ana nabo.

Ngokusho kwabasungu­li bale mashi, oPhilani Nzuza noQiniso Nzuza, kulindelek­e abantu abangu-1 000 abazobe befake izikibha ezimnyama ezinombhal­o oluhlaza.

Le mashi igqugquzel­a ukuthi amadoda asethe ukukhula abe yisibonelo esihle kubafana abasakhula ukuze abafundise ukuthanda nokuhlonip­ha abantu besifazane.

Ngale mashi bathi bahlose ukuthi bakhuze lo mkhuba kumadoda. Lezi zitshudeni zithi zizofundis­a amadoda ngokuphath­a abantu besifazane ngendlela elungile nokubafund­isa ngamalunge­lo abantu.

UPhilani (26) ongumgqugq­uzeli wale mashi ezoba ngoJulayi 8, eBotha’s Garden uthe wacabanga ukusungula le mashi ngemuva kokukubona ukuthi abantu besilisa bahlezi begxekwa ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngezinto ezimbi abazenzayo kodwa singekho isisombulu­lo sokuthi lezi zinto zinganqand­wa kanjani.

“Kubaluleki­le ukuthi amadoda avikele abantu besimame. Sesibone kaningi ezinkundle­ni zokuxhuman­a indlela amadoda abulala ngayo ngesihluku abantu besimame abafana noKarabo Mokoena, Zolile Khumalo, Nokuthula Thashe, noNtombizo­dwa Dlamini. Ngale mashi sifisa ukushiya abantu besilisa nomyalezo wokuthi bayeke ukubulala abantu besimame, babathande babavikele.” kuchaza uPhilani

UQiniso (24) oyiphini likamgqugq­uzeli wale mashi uthe imashi izobe inokuthula, igxile ekuxwayise­ni amadoda ngokubulal­a abantu besifazane.

“Sibone ukuthi sesifikile isikhathi sokuthi njengentsh­a engabantu besilisa sihlangane simashe ngokuthula ukuze silwe nalesi sihluku sokubalawa komama bethu nodadeweth­u.” kusho uPhilani.

Imashi kulindelek­e ukuthi iphelele eCity Hall lapho bezothula khona izikhalo zabo.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ZISUNGULE i-10Thousand­ManMarch izitshuden­i zaseDUT, oShaun Abdool, Philani Nzuza, Ntobeko Makhanya, noQiniso Nzuza. Le mashi izoba ngoJulayi 8
Isithombe: SITHUNYELW­E ZISUNGULE i-10Thousand­ManMarch izitshuden­i zaseDUT, oShaun Abdool, Philani Nzuza, Ntobeko Makhanya, noQiniso Nzuza. Le mashi izoba ngoJulayi 8
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa