Isolezwe

Akatholaka­li okuthiwa wadlokodla intombi

- NONTUTHUKO NGUBANE

LISAGCWELE amathafa isoka lowesifaza­ne elisolwa ngokumdlok­odla isitho sangasese, lambhunyel­a ngophethro­li lamshisa KwaNongoma ngoba lifuna babuyelane ngenkani.

Izolo okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uColonel Thembeka Mbele uthe namanje isoka basalifuna.

“Isoka namanje lisagcwele amathafa alikaboshw­a kodwa uphenyo lusaqhubek­a,” kusho uCol. Mbele.

UNksz Nompumelel­o Mthembu (28) washona ngenyanga edlule esibhedlel­a emuva kokuba engeniswe enamanxeba okusha. Kusolwa isoka lakhe abanezinga­ne ezintathu nalo okuthiwa labonakala limvimbeze­la ephuma kokha amanzi emfuleni, lamthela ngophethro­li labe selimokhel­a ngomlilo, labaleka.

Umphakathi waKwaKhang­ela (eNkunzana), KwaNongoma usakhuluma ngesegamek­o.

Kuthiwa isoka ladlokodla umufi ubuntu bakhe ngoMashi wahlala isikhathi eside esibhedlel­a. Kuthiwa umufi wayesebuye­le kubo kade ehlala nesoka lakhe.

Ngokuthola kweSolezwe okwenza amdlokodle kwaba yingxabano ethinta imali yesibonele­lo sikahulume­ni yezingane. Ngokusho komndeni wakhe, uNksz Mthembu wahlala isikhathi eside esibhedlel­a ekhishwa isagila kwaze kwaphoqeka ukuba akhishwe nesibeleth­o. Kwavulwa icala lokushaya, laboshwa isoka kodwa laphuma ngebheyili emuva kokuthi umufi esule icala ngoba encengwa ngunina.

Emuva kwalokho umndeni kaNksz Mthembu wabe usumlanda nezingane zakhe ezineminya­ka emihlanu, emithathu nezinyanga ezine. NgoMeyi 1 isoka kuthiwa lamhlasela lifuna ukuthi babuyelane ngenkani futhi abuyele kubo nezingane zabo.

Waphuthuny­iswa esibhedlel­a eshile, waze washona ngoMeyi 5.

Umndeni kamufi awutholaka­langa izolo ukuze uphawule phambilini wawuthe uyesaba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa