Akatholakali okuthiwa wadlokodla intombi
LISAGCWELE amathafa isoka lowesifazane elisolwa ngokumdlokodla isitho sangasese, lambhunyela ngophethroli lamshisa KwaNongoma ngoba lifuna babuyelane ngenkani.
Izolo okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal, uColonel Thembeka Mbele uthe namanje isoka basalifuna.
“Isoka namanje lisagcwele amathafa alikaboshwa kodwa uphenyo lusaqhubeka,” kusho uCol. Mbele.
UNksz Nompumelelo Mthembu (28) washona ngenyanga edlule esibhedlela emuva kokuba engeniswe enamanxeba okusha. Kusolwa isoka lakhe abanezingane ezintathu nalo okuthiwa labonakala limvimbezela ephuma kokha amanzi emfuleni, lamthela ngophethroli labe selimokhela ngomlilo, labaleka.
Umphakathi waKwaKhangela (eNkunzana), KwaNongoma usakhuluma ngesegameko.
Kuthiwa isoka ladlokodla umufi ubuntu bakhe ngoMashi wahlala isikhathi eside esibhedlela. Kuthiwa umufi wayesebuyele kubo kade ehlala nesoka lakhe.
Ngokuthola kweSolezwe okwenza amdlokodle kwaba yingxabano ethinta imali yesibonelelo sikahulumeni yezingane. Ngokusho komndeni wakhe, uNksz Mthembu wahlala isikhathi eside esibhedlela ekhishwa isagila kwaze kwaphoqeka ukuba akhishwe nesibeletho. Kwavulwa icala lokushaya, laboshwa isoka kodwa laphuma ngebheyili emuva kokuthi umufi esule icala ngoba encengwa ngunina.
Emuva kwalokho umndeni kaNksz Mthembu wabe usumlanda nezingane zakhe ezineminyaka emihlanu, emithathu nezinyanga ezine. NgoMeyi 1 isoka kuthiwa lamhlasela lifuna ukuthi babuyelane ngenkani futhi abuyele kubo nezingane zabo.
Waphuthunyiswa esibhedlela eshile, waze washona ngoMeyi 5.
Umndeni kamufi awutholakalanga izolo ukuze uphawule phambilini wawuthe uyesaba.