Abazali bazibambele kulungiswa isikole
ABAZALI baqoqe imali enguR120 000 ukuze balungise isikole esashiswa abafundi bekhala ngokudla namanzi, Ebunguni Secondary, eMuden ngaphandle kwaseGreytown.
Lesi sikole esishiswe sangqongqa ngabafundi ngoJuni 5 nonyaka siqaliwe ukulungiswa njengoba abazali bethi abafuni izingane zabo ziqhubeke nokujika nelanga emakhaya.
Ukufunda kusamisiwe kulesi sikole selokhu kwenzeka lesi sigameko.
Abafundi abahlanu okubalwa nomengameli wabafundi baboshwa ngalesi sigameko, udaba lusenkantolo.
USihlalo wesigungu esilawula isikole nongomunye wabasungula lesi sikole eminyakei engu-14 edlule uMnuz Dumisani “Mshini” Dladla, uthe abasalali belungisa umonakalo.
“Silwela ukuba isikole singavalwa thaqa, sifuna izingane zethu zibe nekusasa. Singabazali sihlanganile sakhetha ukuba umuzi ngamunye ukhiphe uR100 ukuze sikwazi ukulungisa umonakalo owenziwe yibo abafundi. Kumanje imali eqoqiwe ingaphezu kukaR12 000. Yonke le mali kuthengwe izinto zokulungisa, umsebenzi siwenza thina ngezandla zethu njengabazali,” kusho uDladla.
Isolezwe belihambele lesi sikole ngoLwesihlanu. Ngesikhathi lifika emagcekeni esikole bebebonakala abazali belungisa amanye amakilasi, befaka amawindi, beqoqa nokushile, befaka nezicabha ezintsha.
Umonakalo owenzeke kulesi sikole bathe kunzima nokusho ukuthi ungakanani ngoba kushe amakilasi, amahhovisi esikole okukhona nekhishi, igumbi okubekwa kulo izincwadi namakhompyutha, wonke amawindi esikole ashaywa ngamatshe.
Umzali onezingane ezimbili efunda uGrade 11 noGrade 12, uMnuz Simon Gumede uthe kubuhlungu ukubuka izingane zibhuquza ekhaya.
“Izikhulu zomnyango ezifike esikoleni zisitshele ukuthi ngeke kuqhubeke ukufunda njengoba isikole sishile, othisha nezingane abaphephile,” kusho uGumede. Kumanje sihlezi nazo emakhaya ngoba izikole eziseduzane azizange zizamukele izingane zethu ngesikhathi umnyango uyocela ukuba zikhosele khona okwesikhashana,” kuqhuba yena.
UNobhala kwikomiti labafundi uSanele Zakwe ofunda uGrade 12 uthe ikusasa labo liyashabalala njengoba bengasafundi.
“Kwashiswa isikole kumele siqale ukubhala izivivinyo ngakusasa. Asibhalile, siyasala kwabanye abafundi. Asazi noma sizokwazi yini ukuqhubeka kulo nyaka ukufunda. Iphupho lami lokuba uthisha ngibona selishabalala,” kusho uSanele.
Elandisa Isolezwe uthe abafundi bakhala ngendaba yokungadli amasonto amathathu, namanzi ayengekho.
Uthe abafundi bacela ukuba abhale incwadi bekhala kuthishanhloko. Incwadi yahanjiswa kuthishanhloko, naye wabhala enye esho ukuthi usewubhalele umnyango ngenkinga yokudla namanzi.
Uthe abafundi ababange besayilinda impendulo yomnyango wabona sebeshaya othisha nesikole ngamatshe maqede kwashiswa isikole.
Amakhansela endawo uMnuz Bhojabhoja Dlamini noMnuz Zibeke Zwakhe, alungisa isikole nabazali.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo uMnuz Kwazi Mthethwa uthi okwamanje kumisiwe ukufunda ngoba kusabhekwa umonakalo.