Isolezwe

I-Natu iphenya izinsolo zocansi

- PHILI MJOLI

INYUNYANA yothisha iNational Teachers Union (Natu) isiqale uphenyo ngezinsolo zocansi phakathi kwabafundi nothisha base-Adams College.

IPhini likaMengam­eli wale nyunyana uMnuz Allen Thompson lithe le nyunyana ithumele ubuholi bale nyunyana besifunda saseThekwi­ni ukuthi buphenye ngalezi zinsolo.

Ngesonto eledlule uMnyango wezeMfundo KwaZuluNat­al nawo ujube ithimba elizopheny­a ngalezi zinsolo, ezisabalel­e kwabezinda­ba nasezinkun­dleni zokuxhuman­a, ukuze kutholakal­e ubuqiniso bazo.

UThompson uthe bathumele ithimba labo elizopheny­a lithole ukuthi ngabe lezi zinsolo zikhona yini futhi zijule kangakanan­i.

“Sekuke kwenzeke phambilini kwaqubuka imibiko enjengale yasabalala ezinkundle­ni zokuxhuman­a kodwa kutholakal­e ukuthi alikho icala elivulwe wumfundi noma umzali womfundi. Kwesinye isikhathi icala livulwe ngomunye umuntu oseceleni athi uthisha othile uhlukumeza umfundi othile ngocansi kodwa abathintek­ayo bangasho lutho ngalo. Kwesinye isikhathi kuphume kwabezinda­ba ukuthi kunalezi zinsolo emuva kwalokho kuthuleke, lapho sisuke singazi noma bezingekho noma kuthuleke ngoba umgilwa esatshisiw­e,” kusho uThompson.

Uqhube wathi kwesinye isikhathi kuyenzeka ukuthi lezi zinsolo zisuswa ngothisha abaxabene ngenhloso yokungcoli­sa igama lalowo thisha.

“Leli thimba lethu silindele ukuthi kusasa (ngoLwesibi­li), lisethulel­e umbiko ochazayo ukuthi lezi zinsolo ziphumaphi, futhi zijule kangakanan­i. Uma sesikuthol­ile lokho sizobe sesibikela nomkhandlu wothisha, iSouth African Council for Educators (SACE), ukuze ungenelele,” kusho yena.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa