Isolezwe

UMakhura uncome ezingenzi nzuzo

- SIVIWE FEKETHA

UNDUNANKUL­U waseGauten­g, uMnuz David Makhura uvumile ukuthi yizinhlang­ano zomphakath­i ezasukumis­a i-ANC ukuthi iphenye ngokusetsh­enziswa koMbuso yidlanzana elifuna ukufeza izinhloso zalo.

UMakhura ubengomuny­e wezikhulum­i engqugquth­eleni i-Inclusive Growth kalowo owayengume­ngameli wezwe, uMnuz Kgalema Motlanthe ebiseziNta­beni zoKhahlamb­a KwaZuluNat­al.

Phakathi kwezinto ezidingidi­we kubalwa ukusetshen­ziswa koMbuso yidlanzana, udaba lokubuyisw­a komhlaba, uhulumeni wezwe nesimo somnotho.

Izolo, uMakhura uncome izinhlanga­no ezisebenze­la umphakathi ngeqhaza lazo ekulweni nokusetshe­nziswa koMbuso yidlanzana nokuthi ziqiniseki­se ukuthi ayisetshen­ziswa ngendlela engafanele imali esikhwamen­i sezwe.

“Sifunde ukuthi ukube bezingekho izinhlanga­no ezisebenze­la umphakathi ngabe asiphumang­a kulesiya simo ebesikuso. Kwesinye isikhathi sigxila kwipolitik­i size sizitshele ukuthi iyona ezolungisa izinkinga zethu,” kusho uMakhura.

Uphinde wancoma izinhlanga­no zomphakath­i ngokufaka ingcindezi kuhulumeni waseGauten­g ngodaba lokufa kweziguli ezasuswa eLife Esidimeni.

“Uma singayeki ukugxekwa izinhlanga­no zomphakath­i ezinye izinkinga ngeke ziphele engingabal­a kuzo eyaseSidim­eni. Kufanele sisebenzis­ane nazo ngoba ziyasiza,” kusho uMakhura.

Imindeni eyashonelw­a ngamalungu ayo ngenxa yenkinga yaseSidime­ni anxeshezel­wa ngoR1.2 million, umndeni ngamunye.

Ngikulinde­le ukuthi abantu babe nokungabaz­a ukuthi zizojika izinto,” kusho uMakhura.

Uthe izikhathi ezinzima azikakadlu­li ngoba kusadingek­a ukuthi kukhuculul­we imfucuza kuhulumeni nakumabhiz­inisi ukuze kugwemeke isimo sangonyaka odlule.

“Ngesonto elidlule siyekile ukusebenzi­sana neMcKinsey neKPMG siwuhulume­ni waseGauten­g kanti nenkampani yezobuchwe­pheshe iSAP siyinike isexwayiso,” kusho uMakhura.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa