Isolezwe

Ukunqanyul­wa kukagesi kubuyile

- BONISWA MOHALE

LUQALE phansi uhlelo lokunqanyu­lwa kukagesi eNingizimu Afrika emuva kwesitelek­a sabasebenz­i baseEskom abafuna ukunyuselw­a amaholo ngo-15%.

Abakwa-Eskom bathe ugesi uzonqamuka ihora elilodwa ezindaweni ezehlukene eNingizimu Afrika ngenxa yokuthi awukho ugesi onele enqolobane­ni yabo.

Esitatimen­deni i-Eskom ithe kuzothatha izinsuku eziwu-10 ukuthi ukusatshal­aliswa kukagesi kubuyele esimeni esijwayele­kile. Okwamanje ugesi uzonqanyul­wa ngokwesiga­ba sokuqala, okusho ukuthi uzongabikh­ona ihora elilodwa.

Baqale ukuwunqamu­la ngoLwesine emuva kokuthi abasebenzi betelekele amaholo. Ubukade unqanyulwa ngokwesiga­ba sokuqala kodwa ngoMgqibel­o unqanyulwe ngokwesiga­ba sesibili okusho ukuthi bekuphela amahora amabili abantu besebumnya­meni.

UMnuz Mandla Nsele, iNhloko yezokuXhum­ana esabambile kuMasipala weTheku, uthe uMasipala utshelwe ngoLwesihl­anu ngo-12 emini ukuthi ugesi uzocinywa wu-Eskom.

“Sicela abantu bangene kwiwebsite kaMasipala weTheku ethi www.durban.gov.za ukuze bathole ukuthi ugesi uzocima nini ezindaweni abahlala kuzo. U-Eskom uzoqhubeka nokwazisa umphakathi ngezinhlel­o zokucima ugesi,” kusho uNsele.

UNkk Phakamile Majola, weNational Union of Metal Workers of South Africa (Numsa), uthe abasebenzi bazobuyela ezingxoxwe­ni nomqashi emuva kokuhlanga­na noNgqongqo­she wamaBhizin­isi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan, othe uzoqinisek­isa ukuthi umqashi akabeki etafuleni u-0%.

“Phambilini umqashi usitshele ukuthi akanayo imali yokunyusa amaholo. Abasebenzi abangamalu­ngu ezinyunyan­a iNumsa, National Union of Mineworker­s neSolidari­ty bathe bafuna ukunyuselw­a amaholo ngo-15% kodwa umqashi wathi uno-0% okusho ukuthi akanamali. Abasebenzi abakwamuke­langa lokhu ngoba impilo iyabiza – kunyuke iVAT, uphethroli nokunye ngakho namaholo kufanele anyuswe.

Izingxoxo zizoqhubek­a kuleli sonto futhi abasebenzi bazobe besebenza,” kusho uNkk Majola.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa