Isolezwe

UZikalala ukhuze ubuqembuqe­mbu kuKhongolo­se

- INTATHELI YESOLEZWE

KUKHUZWE izifunda ze-ANC KwaZulu-Natal ukuba ziqaphele ubungozi bokulahlek­elwa amandla ngokhetho lwango-2019 uma zilibala ukubeka phambili izingqungq­uthela zokukhetha ubuholi nokulwa.

Lokhu kuvele ngesikhath­i uMdidiyeli wohlaka lwesikhash­ana lwe-ANC KwaZulu-Natal,uMnuz Sihle Zikalala ekhuluma namalungu esiFunda iMalahleni esiseNewca­stle, embuthanwe­ni obusehholo laseMadade­ni ngempelaso­nto.

“Ngaphambi kokuba sinake izingqungq­uthela, okubalulek­ile ukuthi sikulo mbutho ngenhloso yokuzosebe­nzela abantu bakithi. Yilokhu okumele kuhambe phambili. Ngakho indaba yokulwa neyokugqam­isa izingqungq­uthela akusiyo into okufanele siyibeke eqhulwini ngoba lokho kuzoba nomthelela ongemuhle enhlanganw­eni njengoba sibheke okhethweni lukazwelon­ke lwangonyak­a ozayo. Empeleni yilo okufanele silubeke phambili, siqale manje ukuzilungi­selela sikhohlwe nje indaba yezingqung­quthela. Ngikusho lokhu ngoba uma sigcina silibala izingqungq­uthela lokho kuyoba nobungozi bokuthi silahlekel­we amandla okuhola uhulumeni bese kusokola abantu bakithi esibaseben­zelayo. Sithi ayime nje impela indaba yezingungq­uthela neyokuthi kuwine bani kwaphinde kwehlulwa bani, asibhekane no-2019,” kusho uZikalala.

Ukusho lokhu nje isifunda, iMalahleni singezinye ebezikhung­ethwe yizinkinga zokungabon­i ngasolinye nemibango yezikhundl­a zobukhanse­la. Lesi simo sigcine sidala ukuthi kufike ukhetho luka-2016 sekuhlakaz­we sonke isigungu esasiholwa uMnuz Arthur Zwane.

UZikalala ukugcizele­le ukuthi u-2018 owokuqinis­a ubumbano ku-ANC nokuhambis­ana nezimiso zikaNkk Albertina Sisulu benoDkt Nelson Mandela abebezobe behlangani­sa iminyaka engu-100 kulo nyaka bazalwa.

UZikalala uthe osekubajab­ulisa ukuthi lesi sifunda sesikwazil­e ukuhlalisa ingungquth­ela yokukhetha ubuholi ngempumele­lo.

IMalahleni iyisifunda se-ANC esingeziny­e ezinkulu kule nhlangano KwaZulu-Natal kanti sihlangani­sa Amajuba, Dannhauser, Newcastle ne-Utrecht ebuye ibizwe ngokuthi kuseMadlan­geni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa