Onogada beyemali bashaywe ngamaphoyisa
BABHODLA umlilo onogada, abagada amaATM abathi bamuhluzwe ngamaphoyisa abecabanga ukuthi baziyizigebengu ezicupha imishini yemali, eMpangeni.
UMnuz Mbongeni Gcabashe noMnuz Thembinkosi Ndlovu abasebenza enkampanini yonogada iTrinity Protection enenkontileka nabakwaStandard Bank bathi behlelwe yilesi sigameko bephuma kolungisa i-ATM yakwaStandard Bank , enxanxatheleni yezitolo i-Assenwood Centre, eseRichards Bay ngoLwesine ebusuku.
UGcabashe obehleli esihlalweni somgibeli emotweni, engabhaliwe ukuthi eyenkampani abebehamba ngayo uthe uqaphele ukuthi kunemoto ebihamba ebibasola ngesikhathi besebenza.
Lo mshayeli uthi bacabanga ukuthi ubikele amaphoyisa bathi akabuzanga lutho kubona, ubebabukile besebenza emshinini. Balinde kancane baphinde babuyela kuwo beqinisekisa ukuthi ngempela awunankinga yini njengoba ubuchwepheshe ababusebenzisayo bebukhombise ukuthi unenkinga.
“Sihambe ibanga elincane singasayiboni le moto sabona kuqhamuka inqwaba yamaveni amaphoyisa ngemuva kwemoto yethu. Ebingaphambili isimisile, sama. Ngiphume kuqala ngaphakamisa izandla, ngiphethe ikhadi lokusebenza, angikwazanga nokubuza kwenzenjani, ngoba kuqhume impama, nebhuzu ngalahleka phansi nalo ikhadi ebengiliphethe,” echaza.
Ngesikhathi esalele phansi uthe amanye amaphoyisa ahambe aya kuzakwabo obengumshayeli wabuzwa ukuthi kungani imoto abahamba ngayo ingabhaliwe futhi eqashiwe.
UNdlovu uthe uchazile ukuthi inkampani ikwenza ngamabomu lokhu ngoba uma kunzeka behamba ngezimoto ezaziwayo bangaba sengcupheni yokudutshulwa yizigebengu.
Ngemuva kwalokho bathi amaphoyisa abashiye kanjalo angachaza lutho futhi angasho ukuthi abaye esiteshini bayoveza bonke ubufakazi bokuthi bayasebenza.
“Esiteshini samaphoyisa eMpangeni amaphoyisa abekhona asibuze ukuthi yithi yini ebesihamba ngePolo Vivo ebisolisa, savuma. Sabuza ukuthi kuthiwa siyasolisa ngobani athi kungene ucingo luchaza le moto njengesolisayo. Indaba yonakale uma sesithi sizovula icala ngoba sishayiwe. Amaphoyisa aphika ukuthi lawo maphoyisa abephuma kulesi siteshi, athi kungenzeka ukuthi sishaywe ngonogada abebesebenzisa izimoto zamaphoyisa. Kube umzukuzuku ukuthi sivule icala,” kusho Gcabashe.
Uthe kwale noma sekufika umphathi wabo esiteshini ezobuza ukuthi kwenzekeni iphoyisa elithe liwukhomanda lanqaba negama lalo kodwa icala ligcine livuliwe.
Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uCol Thembeka Mbele, uthe kuvulwe icala lokushaya ngenhloso yokulimaza esiteshini samaphoyisa eMpangeni.
“Lolu daba luthunyelwe ophikweni oluphenya amacala athinta amaphoyisa,” kusho uCol Mbele.