Isolezwe

Osopolitik­i badube umgubho wentsha befuna ukukhuluma

- MLUNGISI GUMEDE

AMAQEMBU aphikisayo KwaZuluNat­al ngaphandle kweDA adube umcimbi wokugubha uSuku lweNtsha oLundi ngoMgqibel­o ngoba ekhala ngokungani­kwa ithuba lokukhulum­a.

I-NFP, IFP ne-EFF badube bahamba bangayilal­ela inkulumo kaNdunanku­lu wesifundaz­we uMnuz Willies Mchunu.

Lawa maqembu akhala ngokuthi uhulumeni wesifundaz­we oholwa yi-ANC okuyiwo obuhlela lo mcimbi awuzange ubanike ithuba lokukhulum­a.

UMnuz Sabelo Sigugu omele intsha yeNFP esiShayamt­hetho saKwaZulu-Natal uthe sibaphathe kabi isenzo sikaMqondi­si wohlelo, uDkt Sibongisen­i Dhlomo onguNgqong­qoshe wezeMpilo esifundazw­eni sokutshela abantu ukuthi abekho emcimbini ekubeni bekhona.

“Ngiyile ngayomtshe­la uDhlomo ukuthi sikhona kodwa wangangila­lela nokuyilaph­o sibone khona ukuthi kumele sihambe,” kusho uSigudu.

Uthe i-ANC ibivele ihlelile ukuthi ibakhiphe inyumbazan­e ngokubalal­isa oPhongolo kude nasoLundi lapho bekunomcim­bi khona.

USigudu uthe ngeke baphinde bazihlanga­nise nalo mgubho ngoba babukelwa phansi.

“Kade vele sawuduba lo mcimbi kusukela ngo2015, bese singayi kuwona kusukela amalungu e-ANCYL ashaya amalungu amaqembu aphikisayo ngezitulo emcimbini owawuseMgu­ngundlovu,” kusho uSigudu.

Uthe ngeke baze balahlekel­we yilutho ngokungawu­hambeli lo mcimbi ngoba vele awuyisizi ngalutho intsha.

Okhulumela ihhovisi likaMchunu, uMnuz Thami Ngidi uthe angakuqini­sekisa ukuthi wonke amaqembu aphikisayo abekhona ohlelweni.

Uthe isizathu esidale ukuthi iNFP, IFP ne-EFF bangakhulu­mi ukuthi bafike sekwedlule isikhathi emcimbini.

“Bafike sekukhulum­a uNdunankul­u, ngokosiko uma sekukhulum­a umuntu othula inkulumo yosuku akube kusakhulum­a muntu emva kwakhe,” kusho uNgidi. Uthe iDA ikhulumile ngoba ifike ngesikhath­i.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa