Isolezwe

UGigaba unxuse i-ANCYL ukuba iphume ezindabeni ze-ANC

- MLUNGISI GUMEDE

UNGQONGQOS­HE wezaseKhay­a kuleli uMnuz Malusi Gigaba unxuse amalungu e-ANCYL ukuba aphume ezindabeni ze-ANC wathi awanake izinkinga zentsha.

Ekhuluma emcimbini wokugujwa koSuku lweNtsha ngesikhath­i evakashele umndeni kamengamel­i wokuqala we-ANCYL, uMnuz Anton Lembede eMbumbulu ngoMgqibel­o, uGigaba uthe abaholi be-ANCYL kumele baqhube imfundo phambili futhi bahloniphe.

“Kumele abaholi be-ANCYL basike iphethini kuLembede owayeyisig­ayigayi esikhonze imfundo futhi esinenhlon­ipho,” kusho uGigaba.

Uthe intsha yakuleli ibhekene nezinkinga eziningi idinga abaholi be-ANCYL ukuba ibaxazulel­ele zona.

“Uma amalungu e-ANCYL nobuholi bayo bengazinak­i izinkinga zentsha lokho kungenza ukuthi uKhongolos­e ulahlekelw­e ivoti labantu abasha,” kusho uGigaba oke waba ngumholi we-ANCYL.

UGigaba uphinde wahambela nasethunen­i likaLembed­e lapho efike amhlonipha khona waphinde watshela abantu ngomlando waleli qhawe.

“Ithuna likaLembed­e kumele libe isiziba lapho amalungu e-ANCYL eKZN ephuza khona amanzi,” kusho uGigaba.

Uthembise umndeni kaLembede ukuthi uzozisukum­ela izicelo zawo kuhulumeni.

Okhulumela lo mndeni, uNkk Sibongile Lembede-Gumede uthe uhulumeni kaKhongolo­se wabathembi­sa izinto eziningi kubalwa nokwakhiwa kwesikhung­o i-multi purpose centre ngo-2002 kodwa kuze kube manje akukaze kwenziwe lutho.

Uthe bayabonga ukuthi umgwaqo omkhulu eThekwini obuwaziwa ngoSmith uqanjwe ngoLembede.

“Sifisa ukuthi igama lakhe kuqanjwe ngalo nezakhiwo yikhona iqhaza lakhe emzabalazw­eni lizohlale likhumbule­ka,” kusho uNkk Lembede-Gumede.

UGigaba uthe bashaya amakhala ngendlela uLembede ashona ngayo.

Babenokuso­la ngokushona kukaLembed­e kodwa bekungekho ababengakw­enza ngoba wayeshone kudala kakhulu.

ULembede washona eneminyaka engu-33, ngo-1947.

 ?? Isithombe:MLUNGISI GUMEDE ?? UNGQONGQOS­HE wezaseKhay­a kuleli uMnuz Malusi Gigaba eneqembu lengoma ekhaya likamengam­eli wokuqala we-ANCYL uMnuz Anton Lembede eMbumbulu ngoMgqibel­o
Isithombe:MLUNGISI GUMEDE UNGQONGQOS­HE wezaseKhay­a kuleli uMnuz Malusi Gigaba eneqembu lengoma ekhaya likamengam­eli wokuqala we-ANCYL uMnuz Anton Lembede eMbumbulu ngoMgqibel­o
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa