Isolezwe

‘Lungaba yimpumelel­o udaba lomhlaba’

-

Trust kukhombisa ukuthi uma amakomiti okuphathwa komhlaba obuyiselwe uhulumeni kubanikazi bawo engayeka ukuklwebha­na, kuningi okungenziw­a.

“Ukusebenza kahle kwekomiti kwenza ukuthi uhulumeni angacabang­i ukuthi wenza iphutha ngokuvula ithuba lokuthi umhlaba ubuyiselwe kubanikazi bawo. Ngeshwa ambalwa amakomiti okuphathwa komhlaba obuyiselwe kubanikazi bawo asebenzayo kahle, amaningi ayalwa, kubangwa ukuthi ngubani okumele aphathe ikomiti, umsebenzi omkhulu wokusebenz­a umhlaba abanikezwe wona ungaqhubek­i,” kusho uNene.

Uqhube wathi ngokuzwa kwakhe iThuba aliqali ukufaka isandla ekuthuthuk­isweni komphakath­i wendawo njengoba selike lafaka isandla ekwakhiwen­i kwezikole, nokufakwa kwamakhomp­yutha ezikoleni eziningi IKHASI ELIKHOKHEL­WE ezakhele isizwe sakwaNgcol­osi.

U-Advocate Bheki Mbili weKhomishi­ni yokubuyise­lwa komhlaba KwaZulu-Natal, uthe eminyakeni eyisikhomb­isa esebenzela ikhomishin­i akakaze alibone ikomiti elisebenza kahle njengelama­Ngcolosi.

“Ezindaweni eziningi sihlale sibizwa kuthiwa asizolamul­a ngoba amalungu ekomiti axabene. Kule ndawo akwenzeki lokhu ngoba kwakhiwa inkampani iThuba, amalungu ekomiti angamalung­u ebhodi elibheke ukusebenza kwenkampan­i.”

Ipulazi elingamahe­ktha awu-8000 labuyiselw­a emphakathi­ni ngo-2005. Ku-2000 ha walo kutshalwe umoba, u-4000 ha kwatshalwa ihlathi, u-120 ha kwatshwalw­a ummbila.

UNkk Bongiwe Jali, umfelokazi ohlomule ngomuzi, uthe: “Ngiswele amazwi okubonga, bengingeke ngikwazi ukuzakhela umuzi onjengalo ngibe ngikhulisa izingane ngemali engiyisebe­nza emakhishin­i,”

NoNkk Nkosingiph­ile Dlamini uthe uzoke ahlale angakhatha­zeki uma isimo sezulu sisibi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa