Isolezwe

Abawuvali umlomo abafundi abebecijwa kwi-Accounting

-

BACIJWE kwi-Accounting ngoSuku lweNtsha abafundi bezikole ezehlukene abafunda u-matric eThekwini ngoMgqibel­o.

Abawuvali umlomo abafundi be-Accounting abangu-1 064 abebelekel­elwa mahhala yi-University Of KwaZulu-Natal (UKZN) ophikweni oluseWestv­ille. Bathi bazoziphuz­ela ezivivinyw­eni zaphakathi nonyaka kulesi sifundo.

UDkt Msizi Mkhize, ofundisa lesi sifundo kule nyuvesi ubakhombis­e izindlela ezilula zokufunda lesi sifundo abanye esibanika inkinga.

“Bengibakho­mbisa nokuthi bangayifak­a kanjani iMaths kwi-Accounting, phela izincwadi azibuvezi ubudlelwan­o balezi zifundo. Iziqu zami zobudokote­la ziyabuveza yingakho ngisiza abafundi,” kusho uMkhize.

UNtombikay­ise Khoza (17) waseDassen­hoek High uthe lubasize kakhulu lolu hlelo.

“Zaze zaba lula izindlela esikhonjis­we zona ezigxile ekwazini into,” kusho uNtombikay­ise.

USibonelo Dlamini (18) waseManzim­toti High uthe: “Lolu hlelo lungisize ukuthi ngazi ukuthi ngingaphen­dula kanjani imibuzo ngobuchule nempumelel­o. Ngikuthoko­zele ukuthola ithuba lokuthola izindlela zokulungis­a imiphumela yami ye-Accounting ngoba iphupho lami ukufunda iBComAccou­nting.”

Omunye wothisha obepheleze­le abafundi, uMnuz Sicelo Sithole, ofundisa eNanda Comprehens­ive High, ubabaze ikhono likaMkhize.

“Ngicela nathi siqeqeshwe kulesi sifundo. Ngivuleke amehlo.”

UMnuz Jabulani Mhlongo ongumzali kaSiphosom­usa Mhlongo ofunda ePinetown Boys High naye obekulolu hlelo, uthe ujabule futhi nengane yakhe ifunde lukhulu.

“Usekhanyis­eleke kakhulu uSipho nge-Accounting, uthi useyizwa kahle. Siyalubong­a uhlelo.”

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UDKT Msizi Mkhize efundisa abafundi baka-matric i-Accounting, e-UKZN ngoSuku lweNtsha
Isithombe: SITHUNYELW­E UDKT Msizi Mkhize efundisa abafundi baka-matric i-Accounting, e-UKZN ngoSuku lweNtsha

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa