Ubuyele esitebeleni esasimchithile
UHAROLD Volbrecht, ongumqeqeshi kaThomas “Tommy Gun” Oosthuizen, ubona kusezandleni zalo mshayisibhakela ukushintsha izindlela zakhe ukuze afinyelele esicongweni esibhakeleni somhlaba.
U-Oostuhuizen (27-1-2) kumenyezelwe ukuthi usephinde wabuyiswa yisitebele iGolden Gloves Promotion kaRodney Berman emuva kwezinyanga exoshiwe. Nyakenye uBerman umemezele ukuthi ngeke aphinde azihlanganise no-Oosthuizen osemphoxe kaningi. UTommy Gun usexoshwe izikhawu kwiGolden Gloves ngenxa yokudla izidakamizwa nobekuholela ekutheni angayingeni eyokujima. Eminyakeni edlule ucasule uBerman ngesikhathi ehluleka ukushaya isisindo esifanele ngaphambi kwempi phesheya kwezilwandle kodwa wabuye waxolelwa. Kuvele ukuthi ubezihlalele nesinqandamathe sakhe engajimi. UVolbrecht wakuqinisekisa ukuthi akamazi. Ekuqaleni kuka2018, uTommy Gun uboshelwe izidakamizwa. Nokho uBerman uzimisele ukumthintitha amphose eringini.
“UTommy ungomunye wabashayisibhakela abanekhono. Nginabo abanye engibaqeqeshayo futhi alisekho kangako ikhono. UTommy ukwabanekhono kodwa akasenaso isikhathi eside esimsalele esibhakeleni,” kusho uVolbrecht.
“Ngisakholwa wukuthi uzofinyelela esicongweni. Ngesikhathi ngiqala ukumbona engumfana omncane nezimpi ayezilwa ngambona njengomunye wabazogcina kwiHall of Fame. Ngebhadi asikafiki lapho futhi isikhathi sisekhonyana. Sifisa ukubonga iGolden Gloves noRodney Berman ngethuba abalinikeze uTommy lokulwa ezimpini ezilandelayo.”
U-Oosthuizen (30) usehlelewe impi okulindeleke ukuthi ibe ngoSepthemba nembangi esazomenyezelwa. Engakuphuma esandleni, ubeyintandokazi kubalandeli besibhakela. Uwine ibhande le-International Boxing Organisation (IBO) super middleweight, walivikela kasikhombisa.
“Njengoba wonke umuntu azi ukuthi ngibhekane nezimo ezinzima, hhayi esibhakeleni kuphela kodwa nasempilweni yami, ngithemba ukuthi konke sekudlulile, ngizothatha izunqumo ezifanele manje ukuze ngenze isiqiniseko sokuthi angibuyeli ezinkingeni. Ngizokwenza isiqiniseko sokuthi ngiloba amakhasi okugcina encwadi yami esibhakeleni kule minyaka engisalele. Angazi ukuthi uHarold uzothi angilwe ngize ngibe neminyaka emingaki, ngiyathemba ukuthi ngizobe ngisasesimeni esihle noma sengineminyaka engu-37,” kusho u-Oosthuizen kwi-website yeGolden Gloves.