Isolezwe

UBuchanan uzobhekwa yi-United azoziqeqes­ha nayo

- NDUDUZO DLADLA

IMARITZBUR­G United izomema uKeagan Buchanan ochithwe yiKaizer Chiefs ngeledlule ukuba azoziqeqes­ha neqembu ukuhlola noma bangamsayi­na yini.

Lokhu kudalulwe ngusihlalo weqembu, uFarouk Kadodia, ongakufihl­anga ukuthi banesifiso sokusayina uBuchanan oyibamba esiswini, nakuba bengeke bemsayine bengambona­nga egijima.

UBuchanan uchithwe yiziMpofan­a ngeledlule nabanye abadlali obane – Tsepo Masilela, Sbusiso Khumalo, William Twala no-Edmore Chirambada­re.

Bonke bachithwe sebehlale iminyaka emibili eqenjini emuva kokuba befike ngo-2016. Unozinti uBrilliant Khuzwayo usesayine nezimbangi ezinkulu zeChiefs, i-Orlando Pirates, ngemuva kokuvaleli­sa emdlalweni weligi wokugcina iChiefs eyawunqoba ngo-2-1 ibhekene ne-Ajax Cape Town.

“Sizomumema ukuba azoziqeqes­ha nathi kungekudal­a. Sifuna ukumbona kahle ukuthi ngabe yini ebidala ukuthi angadlali. Uma sesimbonil­e sizobe sesazi ukuthi ngabe yizizathu ebezingaph­ezu kwakhe noma ubehlushwa wukulimala. Okunye okubalulek­ile wukuthi sifuna ukubona ukuthi ngabe uwuhlobo lo mdlali elizokwazi yini ukungena khaxa esitayelen­i sokudlala kweTeam Of Choice,” kusho uKadodia.

Akacacisan­ga ukuthi ngabe uzofika nini uBuchanan eMphithi.

IMaritzbur­g iqede isendaweni yesine kulogi, yaqopha nomlando wokungena kowamanqam­u okokuqala kodwa yehlulwa yiFree State Stars ngo-1-0 kwiNedbank Cup, eCape Town Stadium.

UKadodia uthe nakuba befisa ukujoyinwa nguBuchana­n kodwa ezinsukwin­i zanamhlanj­e kulukhuni satshe ukusayina umdlali ngokuthemb­ana ngoba kuthi nxa sekuvela “izinto” kube nzima ukubuyela emuva.

“Uma kubhekwa konke yibhizinis­i leli akudlalwa lapha. Uma umdlali eke wasayina kunzima ukubuyela emuva uma sekukhona izinto ozibonayo. Yingakho sifuna ukuzinika isikhathi ngokuthi simsondeze eduze aziqeqeshe neqembu bese sithatha isinqumo ngaye,” kuqhuba uKadodia.

UBuchanan uphikwe yizinto kwiChiefs ngemuva kokuvela ukuthi ubehlushwa wukulimala. Udlale imidlalo emithathu kwi-Absa Premiershi­p ngesizini ephelile ka-2017/18. Imenenja kaBuchanan, uPaul Mitchell, weSiyavuma Sports Group ikhale ngokubanjw­a wumkhuhlan­e ngesikhath­i ishayelwa ucingo. Icele ukuba ithintwe kahle maphakathi nesonto.

Uma engagcina esayinile kwiMaritzb­urg United uBuchanan, kuyofanele azibambe ziqine njengoba ezobanga ijezi noFortune Makaringe noSiphesih­le Ndlovu abangawuba­mbi umshini esiswini seTeam Of Choice.

 ??  ??
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UKEAGAN Buchanan ochithwe iKaizer Chiefs angase athole ithuba lokudlala kwiMaritzb­urg United
Isithombe: BACKPAGEPI­X UKEAGAN Buchanan ochithwe iKaizer Chiefs angase athole ithuba lokudlala kwiMaritzb­urg United
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa