Isolezwe

Ubuyele esitebelen­i esasimchit­hile

- ZAKHELE XABA

UHAROLD Volbrecht, ongumqeqes­hi kaThomas “Tommy Gun” Oosthuizen, ubona kusezandle­ni zalo mshayisibh­akela ukushintsh­a izindlela zakhe ukuze afinyelele esicongwen­i esibhakele­ni somhlaba.

U-Oostuhuize­n (27-1-2) kumenyezel­we ukuthi usephinde wabuyiswa yisitebele iGolden Gloves Promotion kaRodney Berman emuva kwezinyang­a exoshiwe. Nyakenye uBerman umemezele ukuthi ngeke aphinde azihlangan­ise no-Oosthuizen osemphoxe kaningi. UTommy Gun usexoshwe izikhawu kwiGolden Gloves ngenxa yokudla izidakamiz­wa nobekuhole­la ekutheni angayingen­i eyokujima. Eminyakeni edlule ucasule uBerman ngesikhath­i ehluleka ukushaya isisindo esifanele ngaphambi kwempi phesheya kwezilwand­le kodwa wabuye waxolelwa. Kuvele ukuthi ubezihlale­le nesinqanda­mathe sakhe engajimi. UVolbrecht wakuqinise­kisa ukuthi akamazi. Ekuqaleni kuka2018, uTommy Gun uboshelwe izidakamiz­wa. Nokho uBerman uzimisele ukumthinti­tha amphose eringini.

“UTommy ungomunye wabashayis­ibhakela abanekhono. Nginabo abanye engibaqeqe­shayo futhi alisekho kangako ikhono. UTommy ukwabanekh­ono kodwa akasenaso isikhathi eside esimsalele esibhakele­ni,” kusho uVolbrecht.

“Ngisakholw­a wukuthi uzofinyele­la esicongwen­i. Ngesikhath­i ngiqala ukumbona engumfana omncane nezimpi ayezilwa ngambona njengomuny­e wabazogcin­a kwiHall of Fame. Ngebhadi asikafiki lapho futhi isikhathi sisekhonya­na. Sifisa ukubonga iGolden Gloves noRodney Berman ngethuba abalinikez­e uTommy lokulwa ezimpini ezilandela­yo.”

U-Oosthuizen (30) usehlelewe impi okulindele­ke ukuthi ibe ngoSepthem­ba nembangi esazomenye­zelwa. Engakuphum­a esandleni, ubeyintand­okazi kubalandel­i besibhakel­a. Uwine ibhande le-Internatio­nal Boxing Organisati­on (IBO) super middleweig­ht, walivikela kasikhombi­sa.

“Njengoba wonke umuntu azi ukuthi ngibhekane nezimo ezinzima, hhayi esibhakele­ni kuphela kodwa nasempilwe­ni yami, ngithemba ukuthi konke sekudlulil­e, ngizothath­a izunqumo ezifanele manje ukuze ngenze isiqinisek­o sokuthi angibuyeli ezinkingen­i. Ngizokwenz­a isiqinisek­o sokuthi ngiloba amakhasi okugcina encwadi yami esibhakele­ni kule minyaka engisalele. Angazi ukuthi uHarold uzothi angilwe ngize ngibe neminyaka emingaki, ngiyathemb­a ukuthi ngizobe ngisasesim­eni esihle noma senginemin­yaka engu-37,” kusho u-Oosthuizen kwi-website yeGolden Gloves.

 ?? Isithombe: BOXREC ?? UTHOMAS Oosthuizen osephinde wabuyela esibhakele­ni
Isithombe: BOXREC UTHOMAS Oosthuizen osephinde wabuyela esibhakele­ni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa