Isolezwe

Ithemba lokudlulel­a phambili koweNigeri­a

- INTATHELI YESOLEZWE

USEBHEKE umdlalo olandelayo kaGroup D umqeqeshi weqembu lesizwe leNigeria, uGernot Rohr ngemuva kokuthi ezakhe zikhale ngaphansi kwiCroatia ngo 2-0 emdlalweni wazo wokuvula kwiNdebe yoMhlaba eseRussia.

Ukaputeni weCroatia, uLuka Modric, ushaye iphenathi ebe yisipikili sokugcina ngesiwombe sesibili kulo mdlalo obungeSont­o ebusuku. Igoli lokuqala kube umkhonto ogwaze ekhaya ka-Oghenekaro Etebo kade uModric eshaye ikhona esiwombeni sokuqala.

Lona bekuwumdla­lo wesibili kaGroup D njengoba kowokuqala kutholene i-Argentina ne-Iceland ababambane ngo 1-1. Le miphumela ibeke amaSuper Eagles emsileni kanti iCroatia iqhwakele.

Umdlalo olandelayo wamaSuper Eagles ungoLwesih­lanu eVolgograd Arena ngo-5 ntambama lapho ezotholana phezulu ne-Iceland emvalele ekopini kwakuncane indawo uLionel Messi we-Argentina.

“Akekho umuntu othanda ukuhlulwa kodwa siyakuqond­a ukuthi iCroatia ibiyiqembu elingcono kunathi. Abadlali bami abasebanca­ne benze amaphutha. Igoli lokuqala liqhamuke ngekhona kwathi elesibili kwaba yiphenathi. Ngicabanga ukuthi la badlali basebancan­e basadinga ukufunda, kwesinye isikhathi bakhombise ubudedengu ikakhuluka­zi uma kushaywa amakhona nama-free kick. Kuzomele sikulungis­e lokho,” kusho uRohr.

Mayelana nokubhekan­a ne-Iceland okuyizwe elinabantu abangaphez­ulu kuka-300 000, uthe: “Kumele samukele lokhu kuhlulwa kodwa kumele siwine kwi-Iceland. Uma sinqoba umdlalo wethu olandelayo kungenzeka noma yini ukuze sidlulele phambili (kwiLast 16). Ngigculise­kile ngendlela esizihlele ngayo emuva kodwa asizange sakhe amathuba amaningi okushaya amagoli. Kudingeka okungenani amaphuzu amane ukuze udlulele phambili. Konke kusezandle­ni zethu uma nje sizoqhubek­a nokukholel­wa ekutheni singakwenz­a lokho.”

Inkakha yaseNigeri­a uJayJay Okocha, obehlaziya umdlalo kwiSuperSp­ort, izwakalise ukungagcul­iseki ngezinqumo zikaRohr.

“Umqeqeshi akazange ayisebenze­le imali yakhe namuhla. Abaqeqeshi bakhona ukuze benze izinqumo, yena uthathe izinqumo okungezona ikakhuluka­zi kusengu 1-0,” kusho u-Okocha.

Imiphumela yamanye amazwe ase-Afrika:

I-Egypt eboshelwe kuGroup A ihlulwe yi-Uruguay ngo 1-0. Isizobheka­na neRussia kusasa eSt Petersburg ngo-8 ebusuku okuwumdlal­o okumele iwunqobe nakanjani ukuzibeka ethubeni le-Last 16.

IMorocco izigwaze ngowayo ngegoli lika-Aziz Bouhaddouz alishaye bebhekene ne-Iran emdlalweni wokuqala kaGroup B. NgoLwesith­athu izoshukana nePortugal eLuzhniki ngo-2 ntambama. Nayo kumele inqobe ukuze ingazithol­i isheshe igoduka.

Namuhla amehlo e-Afrika azothi njo kwiTunisia eqhuthana ne-England kuGroup G eVolgograd ngo-8 ebusuku. Sekukuyona ukuthi iqede umgqigqo omubi wamazwe ase-Afrika avule ngenduku.

Kusasa iSenegal eyagcina ukudlala kwiNdebe yoMhlaba ngo2002 iphuma kuma-quarterfin­al, izolwela amaphuzu amathathu ibhekene nePoland emdlalweni ka-Group H oqala ngo-5 ntambama e-Otkrytie Arena.

 ?? Isithombe: AP ?? UMQEQESHI weNigeria uGernot Rohr unethemba lokuthi ezakhe zisengadlu­lela phambili kwiNdebe yoMhlaba eseRussia phezu kokuvula ngenduku emdlalweni wokuqala kaGroup D
Isithombe: AP UMQEQESHI weNigeria uGernot Rohr unethemba lokuthi ezakhe zisengadlu­lela phambili kwiNdebe yoMhlaba eseRussia phezu kokuvula ngenduku emdlalweni wokuqala kaGroup D
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa