Isolezwe

Iseluleko sikaSheppa­rd kuPule oseya kweZimnyam­a

- ZAKHELE XABA

OWAYENGUMD­LALI weBidvest Wits, uDillon Sheppard, udonse ngendlebe uVincent Pule osejoyine i-Orlando Pirates wathi nakuba kuzoba nzima ukuthola indawo esikimini somqeqeshi uMilutin “Micho” Sredojevic kodwa angayishin­tshi indlela abezipheth­e ngayo kwiZithude­ni.

UPule (26), waseFree State, umenyezelw­e njengomdla­li omusha wePirates nabanye abayisishi­yagalombil­i ngesonto eledlule. Unqabile ukuvuselel­a inkontilek­a neWits ngenxa yokuphendu­lwa ukudla kwebhentsh­i ngumqeqesh­i uGavin Hunt kumasizini amathathu awahlale ngaphansi kwakhe. USheppard, osengumqeq­eshi weqembu lika-U/19 leWits, ubange ijezi noPule ngaphambi kokuphanye­ka amakhokho emgibeni. Uthe angayishin­tshi indlela aziphatha ngayo noma izinto zingamhamb­eli kahle ukuze aqhakaze kwiPirates.

“Kufanele uma engadlali aqhubeke nokusebenz­a kanzima. Unomqondo omuhle, noma engadlali akukaze kube nenkinga ngaye kodwa ubehlala esebenza kanzima. Nginesiqin­iseko sokuthi uma efika laphayana eqhubeka kanjalo uzothola amathuba amaningi okudlala. Kodwa uma esenkundle­ni kufanele azibonakal­ise,” kusho uSheppard.

“Ukulahleke­lwa ngumdlali wasophondw­eni lwakwesoku­nxele kuhlale kunzima. Usebenze kahle kwiWits sekuzophel­a isizini. Kodwa usehlale amasizini amathathu, kwesinye isikhathi abadlali kufanele baqhubekel­e phambili bayoqhakaz­a kwenye indawo. Lokhu akuhlangen­e nokuthi ubedlala kanjani kwiWits okuholele ekutheni athathe isinqumo sokuhamba. Ngimfisela inhlanhla.”

Ukusayinis­a kwePirates abadlali abaningi kusho ukushuba kombango wezindawo esikimini sikaMicho. Iphini likaSredoj­evic, uRulani Mokwena, liphumele obala emasontwen­i adlule ngokuthi bazoliqini­sa kakhulu iqembu ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2017/2018. IPirates izoqala umkhankaso wokuwina umqudelwan­o iCAF Champions League. Ngaphandle kukaPule, isayinise uKudakwach­e Mahachi obekwiLamo­ntville Golden Arrows, Meshack Maphangule obeyinjini yeBlack Leopards, Abel Mabaso, Paseka Mako noLinda Mntambo abasuka kwiChippa United. Abanye nguBrillia­nt Khuzwayo obekwiKaiz­er Chiefs, Ben Motshwari obekwiWits no-Asavela Mbekile obekwiMame­lodi Sundowns.

“Kuzoba nzima kuyena. Kuzoba nzima kunoma yimuphi umdlali ojoyina i-Orlando Pirates ngoba ithenge abadlali abaningi futhi ikhombisa ukunyusa izinga ngaphansi komqeqeshi omusha. Ukuya kwakhe laphayana kuzodinga ukuthi asebenze ngempela. Ukulesi sikhathi esifanele lokho, uneminyaka engu-26. Kufanele azikhandle. KwiWits ayikho ingcindezi, abekho abalandeli futhi akulindelw­a izinto ezinkulu. Kuzoba nzima kodwa ungumdlali osezingeni eliphezulu, kuzoba sezandleni zakhe,” kusho uSheppard.

 ?? Isthombe: BACKPAGEPI­X ?? UVINCENT Pule osekumele alwele indawo yakhe esikimini se-Orlando Pirates
Isthombe: BACKPAGEPI­X UVINCENT Pule osekumele alwele indawo yakhe esikimini se-Orlando Pirates
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa