Babhikishele isitshudeni esishonile
ABANGANI nezihlobo besitshudeni esiphahlazeke esitezi babhikishe emasangweni eDurban University of Technology (DUT), eThekwini, befuna incazelo ngokufa kwaso.
Umbhikisho ubuseDUT izolo ekhempasini yaseML Sultan ababhikishi befuna incazelo ngokufa kukaXolani Khumalo (21) waseMlaza. UKhumalo wathanqazeka wafa esitezi sesihlanu emagcekeni aseDUT ngoJuni 8.
Ngokwemibiko esabalale emuva kokushona kukaKhumalo, obefunda unyaka wesithathu kwiTranslation and Interpreting Practice, wayebaleka ekade ephuce esinye isitshudeni sesifazane iselula. Izolo embhikishweni bekukhona nezihlobo zikaKhumalo ongcwatshwe ngoMgqibelo.
UMnuz Wonderboy Mwali, umzala kamufi, uthe ngeke baphumule bengatholanga ukuthi ufe kanjani.
“Sithole ukuthi wayejahwa ngoba entshontshe iselula kanti nalokho akuhlangani kahle. Kuthiwa waphonseka esitezi emathoyilethi abesifazane kodwa ngesikhathi kufika onogada bemkhuthuza esewile, kwatholakala amaselula akhe kuphela. Iselula okuthiwa yayintshontshelwa intombazane yatholakala kwelinye ibhilidi khona eDUT,” kusho uMwali.
Uveza nokuthi ifasitela okuthiwa waziphonsa kulo umufi lincane kakhulu.
“Okubi wukuthi iDUT ithule ngayo yonke le nto ngoba izama ukuvikela isithuzi sayo. Abaphathi abakaze bafike emndenini. Ngisho emngcwabeni kwakukhona abefunda nabo kuphela,” kusho uMwali.
Kuke kwaba nezinsolo zokuthi umfundi wayezama ukuzibulala, nalokhu umndeni wakhe ukuchithile. Umngani kamufi ophinde abe sekomitini le-ANCYL eDUT, uFanele Sithole, uthe abamazeli ukweba umufi. Uthe bebebheke ukuthi athweswe iziqu ngonyaka ozayo futhi ngokwazi kwabo ubengenazo izinkinga ebezingamenza azibulale. Uthe bafuna ukuzibonela amakhamera eDUT, bezwe nangentombazane okuthiwa wayeyiphuca iselula ngoba kumanje ifihliwe.
Umufi kuthiwa ubephuma emndenini okholwayo enesiphiwo sokukhanda izimoto namaselula.
Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal, uLieutenant Colonel Thulani Zwane, uthe kuvulwe idokodo ngokushona kowesilisa owaphahlazeka esitezi eDUT.
UMengameli womkhandlu wezitshudeni, uSphephelo Mthembu, uthe ubengazi ukuthi bekunombhikisho izolo ngoba ubesekhaya elungiselela ukubhala.
“Kuningi osekushiwo ngalesi sitshudeni nathi okusididayo ngoba sizwe kahle ngoLwesihlanu ukuthi ubesifunda eDUT. Bengithembise abangani bakhe ukuthi sizozama ukusiza ukuthola umbiko ngokushona kwakhe. Ngiyamangala uma sebebhikisha,” kusho uMthembu.
Isitatimende sabaphathi beDUT sithe kusaphenywa ngalolu daba.