Iminjunju yekhanda eba nsuku zonke
zinjani, zikuphi, yini ehambisana naleli khanda, yini eyenza izinhlungu zibhebhetheke. Ziningi izinhlobo zamakhanda futhi ukwenza kwazo kucishe kufane yingakho ibalulekile incazelo yomsuka nokwenza kwaleli elikuphethe. Onke amakhanda alashwa ngokwezimbangela zawo hhayi ngokunikezwa uhlobo lwemishanguzo yokuqeda izinhlungu nje kuphela. Abantu abaningi abaphethwe ngamakhanda sebavumela ukuhlala ezinhlotsheni ezahlukene zemishanguzo edambisa izinhlungu. Akumele kube njalo ngoba umsuka wekhanda usuke ungelashiwe.
Ngiyaye ingcabha ngiyishiye ezigulini uqobo ngoba kungumsebenzi wesiguli okanye izihlobo zaso ukubuza kudokotela ukuthi umsuka wekhanda yini, umsuka lowo udokotela uyawelapha yini, imishanguzo akunikeza yona ngeyani. Uma ubona ukuthi udokotela ngeke akunikeze impendulo oyifunayo ngaleso sikhathi, okumele ukwenze ukuthatha isikhathi uhlele ukubonana nodokotela wakho umchazele ukuthi okufisayo wukuthi ube yingxenye yokwelashwa kwakho ukuze nisheshe nifike esisombululweni sokugula kwakho.
Njengawo wonke amakhanda okanye izifo nje, kumqoka ukufuna umsuka wezinhlungu. Umbuzo engiwuthola njalo ezigulini futhi ngihlale ngiwuthokozela. Nakuba kungekho msuka oqondileyo owazekayo waleli khanda kodwa kunemicabango encomekayo futhi eyesekwe wucwaningo olulandelekayo.
Ukuhlaselwa komzimba, kuhlaselwa yiwo umzimba (autoimmune) yimbangela elandelekayo yalezi zinhlungu zaleli khanda. Sesike sakhuluma ngalokhu kaningana ngaphambili. Umzimba uyakwazi ukuzihlasela wona uziququde uze uzwe izinhlungu. Lokhu sikhulumile futhi ngakho endlaleni etholakala entanyeni esithe yi-thyroid. Sathi kwabanye abantu umzimba uyayihlasela lokhu kugcine kwenze ukugula okwehlukahlukene kuhlanganisa nekhanda elingapheli. Umzimba kucatshangelwa ukuthi uyaye ulokhu uhlasela izingxenye zekhanda lokhu okugcina kudale ubuhlungu baleli khanda lansuku zonke.
Ukuhuzuka nokuvuvukala kongwengwezi oluhlukanisa amathambo entamo:
Ukulimala nokuvuvukala kwalolu ngwengwezi kucatshangwa ukuthi kudala izinhlungu ezinkulu eziyisimbelambela ezinhlangothini zekhanda nasentanyeni uqobo.
Ukuhuzuka kwemithambo ehluza igazi lena elapha entanyeni. Ukuhuzuka kwale mithambo kwenza kugcwale kokungcola egazini, lokhu okugcina kuvundisa okungamakhemikhali achamiselekayo. La makhemikhali agcina edala uchungechunge lwezinhlungu ezingxenyeni ezahlukene zekhanda.
Kuyona yontathu le migudu enconywayo, okucacayo wukuthi umphumela kuba ukumbondelana kobuhlungu obuzwakala ngenxa yokuqonga kobuthi obudala lezi zinhlungu ezingapheliyo ekhanda. Amakhambi adambisa izinhlungu awakwazi ukukusiza ukuphelisa lezi zinhlungu zekhanda yingakho abantu bakithi bezokwehla benyuka beya kuzo zonke izikhungo zezempilo nezigodlo befakwa emishinini, bethunqiselwa, bencinda, betshopwa, kuthathwa igazi, kukhishwa amanzi ngemuva emgogodleni; ekugcineni kuthiwe hamba uye kwabaluleka ngokomqondo sekusolakala ukuthi unengcindezi (depression) ethile. Ngaso sonke lesi sikhathi wena uyafa yizinhlungu. Okufunekayo ukwelapha imisuka esesikhulume ngayo yezinhlungu ngqo hhayi ukugcina ngokudambisa izinhlungu ngoba uma sekuphele imishanguzo yezinhlungu egazini nakanjani zizobuya izinhlungu.
Enye into esihlupha kakhulu ekwelapheni wukuthi abantu bakithi bamadolo nzima ukukhipha imali kudokotela ukuze belashwe. Kuba sengathi udokotela angenza ummangaliso akhiphe onke amangwevu bhusende. Okuyaye kungehlule wukuthi abantu bayakwazi ukukhipha imali enkulu, nezinkomo imbala uma belashwa ngokwesintu. Aze akhale impela umuntu athi: “dokotela sengikhiphe imali enkulu nezinkomo imbala ngithi ngelapha leli khanda.”
Leli khanda lansuku zonke, elingakuyeki liyelapheka liphele, hamba uye kudokotela wakho uzolelapha. Mpilonde!!