Isolezwe

U-Amanda Black ulaxaze inkampani

- NOKUBONGWA PHENYANE

BUPHELILE ubudlelwan­e phakathi komculi we-Afro Pop u-Amanda Black, nenkampani akade eqopha ngaphansi kwayo futhi ibhekelela izindaba zakhe i-Ambitious Entertainm­ent.

Lezi zindaba zivezwe yilo mculi ngoMsombul­uko ntambama enkundleni yokuxhuman­a iTwitter.

Le ntokazi eyazakhela udumo ohlelweni ama-Idols SA, ifake isitatimen­de esiveza izizathu zokushiya le nkampani.

U-Amanda uthe isizathu esimenze washiya le nkampani ukuthi kukhona la bebengavum­elani khona nabaphathi bakhe.

“Ngikhethe ukufuna imenenja entsha ngenxa yokuthi kuningi ebesesinga­boni ngakho nabaphathi bami enkampanin­i ekade ngikuyona. Ngiyabonga kakhulu kwengenzel­e khona i-Ambitious ngize ngibe la ngikhona manje. Ngifuna ukusebenza nabantu abasha manje,” kusho u-Amanda.

Uqhube wathi kumanje umatasa ufuna ithimba elizoseben­za naye ekuboneni amapulani namaphupho anawo njengoba ebheke phambili ekukhulise­ni umculo wakhe.

“Imenenja yami entsha izobhekele­la izindaba zokuqashwa kwami emicimbini eyehlukene futhi isize ekukhulise­ni igama lami. Izokwazi ukungigcin­a ngisemehlw­eni omphakathi ukuze ngikwazi ukufinyele­la futhi ngaziwe abantu ngisho emazweni ase-Afrika nakwamanye amazwe,” kuchaza u-Amanda.

Uthe okwamanje akahleli uyaqhubeka nokwenza izinto ezehlukene ezithinta umculo.

“Ngisebenza nenkampani yegazi iSouth African National Blood Services okube nomthelela omuhle njengoba kukhona ingoma engiyikhip­hile ethi Gaz Lam ngokuhlang­anyela noVusi Nova.

Uthe inhloso yabo ngale ngoma ukunxusa abantu ukuthi banikele ngegazi njengoba kuke kube nezikhalaz­o zokuthi liyashoda kuleli.

 ?? Isithombe: TWITTER ?? U-AMANDA Black usememezel­e ukuthi useyishiyi­le inkampani aqopha ngaphansi kwayo i-Ambitious Entertainm­ent.
Isithombe: TWITTER U-AMANDA Black usememezel­e ukuthi useyishiyi­le inkampani aqopha ngaphansi kwayo i-Ambitious Entertainm­ent.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa