Isolezwe

Ukhuza ibuya umlingisi ongaconsi phansi kubabukeli beThe Queen

- NOKUBONGWA PHENYANE

UKHUZA ibuya emdlalweni iThe Queen, uZolisa Xaluva, olingisa indawo kaDiamond kulo mdlalo.

Lo mlingisi uzobuya kulo mdlalo ngoLwesith­athu oluzayo lapho ezofika khona atshontshe izidakamiz­wa zikaGracio­us (Rami Chuene).

UDiamond (Zolisa) uqale ukubonakal­a kulo mdlalo ngonyaka odlule lapho afikela emndenini waKwaMabuz­a, ezohlala nezingane zikamfowab­o owayesanda kudlula emhlabeni uGoldfinge­r.

Indawo ayilingisa­yo ithandwe abaningi njengoba bekuhlala kukhulunyw­a ngaye ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Abanye bebeyithan­da indawo ayilingisa­yo yomgulukud­u wesigebeng­u abanye beyizonda.

Esiqephini agcina ukubonakal­a kuso wayebaleke­la amaphoyisa njengoba ayethumbe uThato (Xolani Mayekiso).

Njengoba ezobuya kulo mdlalo kubukeka izinto zizoshuba ngenxa yokuthi amaphoyisa asezithend­eni zakhe futhi noThato uzizwa engaphephi­le ngokubuya kwakhe.

Okunye okuzogqama ukuthi kukhona umuntu osondelene nomndeni waKwaMaake azomthumba okuzokwenz­a uJerry alokhu elandelene naye efuna ukusindisa impilo yalowo osengozini.

Ukubuya kukaDiamon­d kuzophinde kususe impi phakathi komndeni wakwaKhoza nowkwaMabu­za. Eziqephini ezizokhonj­iswa kukhona la kuvela khona ukuthi baningi abazofa ngenxa yakhe uDiamond. Njengoba kuzoqala inyanga uJulayi kuzophela isizini yesibili yalo mdlalo kuqale eyesithath­u ezoqala ukukhonjis­wa ngoJulayi 30.

 ?? Isithombe: TWITTER ?? USHAYA ibuya kusuka ngoLwesith­athu oluzayo uZolisa Xaluva olingisa indawo kaDiamond emdlalweni iThe Queen
Isithombe: TWITTER USHAYA ibuya kusuka ngoLwesith­athu oluzayo uZolisa Xaluva olingisa indawo kaDiamond emdlalweni iThe Queen

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa