Isolezwe

Kuyamanisw­a nomsebenzi ukubulawa kwephoyisa

- PHILI MJOLI

KUSOLWA ukuthi kuhlangene nomsebenzi ukubulawa komseshi waseMlaza ohlaselwe ngamadoda ayisithuph­a amdubula washona, eMalukazi, ngoMsombul­uko ebusuku.

UWarrant Officer, Sibusiso Njabulo Linda (54), obengekho emsebenzin­i ngesikhath­i ehlaselwa kuthiwa udutshulwe ehleli nowesifaza­ne emotweni yakhe.

Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uBrigadier Jay Naicker uthe umufi ubengumphe­nyi esiteshini samaphoyis­a eMlaza.

“Kusolwa ukuthi amadoda ayisithuph­a afice umufi ehleli nomunye umuntu emotweni, aphoqa ukuthi aphume emotweni, bamdubula washonela endaweni yesigameko. Obehleli naye ulimele ngesikhath­i kuhlaselwa umufi. Isibhamu sikamufi sithathwe ngabasolwa ngaphambi kokuthi babaleke,” kusho yena.

Okhulumela umndeni, uNksz Bali Dweku, uthe umufi ubewuthand­a umsebenzi wakhe futhi akangabazi ukuthi ukubulawa kwakhe kuhlangene namacala abucayi abewapheny­a.

“Ubephenya amacala abucayi okubulala nawokugqek­eza kuhlonyiwe. Yize ebephenya amacala amabi kanje kodwa ubengakaze ahlaselwe ngoba ubewumuntu oqaphelayo, okungelula ukuthi adutshulwe noma yikanjani. Ngiyacaban­ga ukuthi yingakho abasolwa beze benza itulo lokuthi babe yisithupha, ukuze bamhlasele,” kusho yena.

Uqhube wathi, ngokwazi komndeni umufi yize ebengayile emsebenzin­i kodwa ubeyokwenz­a into exhumene nawo.

UNksz Dweku uthe umufi obeseseben­ze esiphoyise­ni iminyaka engaphezu kuka 25, ushiye unkosikazi wakhe, uNkk Bathokozil­e Linda, nezingane eziyisikho­mbisa. Izolo uthe bebengakaz­i ukuthi uzongcwats­hwa nini.

UKhomishan­a wamaPhoyis­a KwaZuluNat­al osabambile, Lt General Nhlanhla Mkhwanazi, ukugxekile ukubulawa kukaWarran­t Officer Linda.

Uthe usejube ithimba lamaphoyis­a aphenya ngamacala obugebengu obuhleliwe esifundazw­eni, iProvincia­l Organised Crime Unit ukuthi liphenye ngokubulaw­a kwakhe.

“Ngizwelana nomndeni, nozakwethu ngalesi sehlo. Nginxusa umphakathi ukuthi usebenzisa­ne nabaphenyi ngolwazi olungahole­la ekutheni kuboshwe abathintek­ayo,” kusho uLt Gen Mkhwanazi.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UWARRANT Officer Sibusiso Njabulo Linda odutshulwe wabulawa engasekho emsebenzin­i ngoMsombul­uko, ebusuku
Isithombe: SITHUNYELW­E UWARRANT Officer Sibusiso Njabulo Linda odutshulwe wabulawa engasekho emsebenzin­i ngoMsombul­uko, ebusuku
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa