Isolezwe

Uzilengise kubo kwentombi obevinjwe incwadi

- KWANDOKUHL­E NJOLI

USASHAQEKI­LE umndeni wendoda ezilengise kubo kwentombi ebinencwad­i yokuyivimb­a ukuthi isondele kuyo ngoba ikhala ngokuthi iyayihluku­meza.

UMnuz Sithembiso “Jah” Mkhize (30) kuthiwa uzilengise esihlahlen­i esingaphan­dle kwegceke lakubo kwentombi yakhe abesethand­ane nayo iminyaka eyisikhomb­isa eNanda, izolo.

UMkhize kuthiwa ufike wangqongqo­za , ebanga nomsindo kubo kwentombi yakhe ngabo10 ebusuku, base befonela amaphoyisa ngoba bethukile.

Kuthiwa laba bathuswe ukuthi vele uMkhize ubenencwad­i emvimbela ukuthi asondele entombini yakhe ngoba bekuthi uma bexabana ephuzile ayishaye.

Ngokusho kukamngani kamufi, uMnuz Bhekani Mbhele, uMkhize ubevele ekhombisa izimpawu zokuthi uzozibulal­a njengoba ubehlezi esho ukuthi uzozibulal­a selokhu intombi yakhe yamthathel­a incwadi evimbela ukuthi asondele kuyo ezinyangen­i ezintathu ezedlule.

“Kuyangiman­gaza ukuthi uJah uzibulele ngoba wayevele ethe kumina ufuna ukwenza izinto ezizokwenz­a bagcine sebehluken­e nayo.

“Isikhathi esiningi uma bexabana ubegcina esebeka intombi yakhe isandla , yikho yagcina isimtholel­e iprotectio­n order kanti bekumele avele enkantolo ngoSepthem­ba.

“Bebesaqhub­eka nokuthanda­na, ehlezi emcela ukuthi ahoxise i-protection order kodwa engavumi (intombi),” kuchaza uMbhele.

Uthe ubehleli nabanye abangani bakhe uMkhize ngoMsombul­uko ebusuku, wahamba waqale waya kubo kwendodaka­zi yakhe (7) ayithola kwenye intombi. Wabe esedlulela kubo kwentombi.

Uyise kamufi uMfundisi Christophe­r Ngidi uthe usashaqeki­le ngalesi sehlakalo ngoba ubesase malungisel­elweni okushintsh­a isibongo sikaMkhize abize esakhe, kwazise ubesebenzi­sa esikanina. “Bengazi ukuthi bebenezink­inga kodwa bengibatha­ndazela, bengifisa ukuthi beze kimi ngibasize ngoba njengumfun­disi ngihlezi ngisiza izithandan­i ezinezinki­nga.” UNgidi uthe indodana yakhe ibilungile, ubengakaze acabange ukuthi isingaze ithathe isinqumo esikhulu kanje. Intombi kamufi ayifunanga ukukhuluma nabezindab­a ngesikhath­i iSolezwe lizama ukukhuluma nayo. Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uColonel. Thembeka Mbele uthe izolo ekuseni bathole isidumbu somuntu wesilisa ozilengisi­le eMatendeni ngabo 5:30 ekuseni. Uthe amaphoyisa ayaphenya ngalesi sigemeko.

 ??  ?? ABASEMAKHA­ZENI bezothatha isidumbu sendoda ezihilele yashona ngakubo kwentombi ebiyibophe­le ukuhlukume­za
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ANA
ABASEMAKHA­ZENI bezothatha isidumbu sendoda ezihilele yashona ngakubo kwentombi ebiyibophe­le ukuhlukume­za Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ANA
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa