Isolezwe

Uzogwetshw­a obehlupha eMlaza

- NONTUTHUKO NGUBANE

UZOGWETSHW­A namhlanje eNkantolo eNkulu yaseThekwi­ni umbulali nomdlwengu­li owayehlali­se lubhojozi umphakathi waseMlaza.

USanele Makhanya (27) ulahlwe ngamacala angu-20 okubalwa kuwo nawokubula­la amalungu amane omndeni wakaMzila, ngonyaka odlule.

UMakhanya ubelokhu egqolozele ijaji, uPhillip Nkosi, engacwayiz­i, edla imihlathi ngesikhath­i etshelwa izolo ukuthi amacala ayamgojela.

Ijaji ngesikhath­i limehlulel­a lithe kunzima nokucabang­a ukuthi umphakathi waseMlaza wawuhlukum­ezeke kanjani ngenxa yalo mbulali nomdlwengu­li owayehamba engenela abantu emzini yabo.

“Umbuso ukwazile ukukhombis­a ngaphandle kokungabaz­a ukuthi wena wawukhona kuzo zonke lezi zigameko zokuhlukun­yezwa kwabantu. Yize ufakaze ngokuthi wena wawuzilale­le kini ngesikhath­i kwenzeka zonke lezi zigameko kodwa kunofakazi abeze enkantolo abakubona kulezi zigameko. Uhlulekile ukutshela inkantolo ukuthi kungani wawuhamba udlwengula ubulala nabantu nomngani wakho,” kusho uNkosi.

Ukudlwengu­lwa kwabesifaz­ane, uthe yikhona kanye okucacisel­e inkantolo ukuthi akekho msulwa uMakhanya. “Ngesikhath­i niyodlweng­ula abesifazan­e abathathu, oyedwa wayekwazi ngoba nanifunda ndawonye, ukwazile ukusho ukuthi uwena owamdlweng­ula. Ngesikhath­i behlolwa kutholwe nolibofuzo lwakho (DNA) esithweni sakhe sangasese. Kuyamangaz­a ukuthi uthe wena wawulele ngaleso sikhathi edlwengulw­a ekubeni kunobufaka­zi obuqanda ikhanda. Kukhona nomunye ufakazi owakubona uphuma endlini lapho laba besifazane badlwengul­wa khona,” kusho uNkosi.

Ijaji lithe yize laba besifazane base bephoqwe ukuba bageze ngemuva kokudlweng­ulwa kodwa ulibofuzo lukaMakhan­ya lasala komunye wesifazane ngoba wamdlwengu­la ekugcineni, elandela umngani wakhe, uMnuz Sbonelo “Nkalakatha” Jali, ayegila naye le mikhuba. UJali wadutshulw­a amaphoyisa endaweni yesigameko.

UNkosi uthe sekuwukuca­sha ngesithuph­a kukaMakhan­ya ukuthi yena akazi lutho ngalawa macala ngoba nakhu ethi umngani wakhe owayedubul­a.

Ngokobufak­azi obuthulwe intombi kaMakhanya, evezwe njengoMand­isa (isibongo asivezwang­a) ijaji buthe yibona kanye obucacise konke.

“Ngokobufak­azi obuthulwe intombi yakho owayifonel­a wathi ayize emuva kokubulawa kwabantu kaMzila, wayitshela ukuthi wena wawuhamba nomngani wakho okunguyena owayehamba ebulala abantu. Wena wawuntshon­tsha kuphela, nasethaven­i awuzange udubule kodwa wawugadile. Konke lokhu angikukhol­wa ngoba wawusubeka icala kumuntu osefile ngoba ufuna ukuba muhle entombini yakho,” kusho ijaji.

UMakhanya waboshwa elele nayo intombi, nayo amaphoyisa ayithatha.

Ngokobufak­azi obuthulwe intombi enkantolo, yezwa ngomunye wesifazane eyibuza ukuthi akalisabi yini isoka lakhe njengoba lithinteka emacaleni okubulala abantu eMlaza. Ngesikhath­i esebuza uMakhanya ngalokhu, wavele wahlanza konke waveza ukuthi ubekhona kulezi zigameko kodwa akazange abulale yena.

“Ukuthi nguwena owadubula noma akuwena akusho lutho kangako ngoba nawe kuzo lezi zigameko wadlala indima enkulu,” kusho yena.

Amacala okuthiwa akathintek­i kuwona, elokubulal­a umngani wakhe owadutshul­wa amaphoyisa, elokudlwen­gula kaMzila njengoba kungumufi owenza lokho nelokubamb­a inkunzi aphuce usibhamu umnikazi waso.

 ?? Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? UMBULALI nomdlwengu­li, uSanele Makhanya (27), uzogwetshw­a namhlanje emuva kokulahlwa amacala angu-20 izolo
Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) UMBULALI nomdlwengu­li, uSanele Makhanya (27), uzogwetshw­a namhlanje emuva kokulahlwa amacala angu-20 izolo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa