Isolezwe

Amaphoyisa ahlakaze umbhikisho eMandawe

- BONISWA MOHALE

UHLAKAZWE ngamaphoyi­sa umbhikisho wabantu ababalelwa ku-1 500 eMandawe izolo ekuseni akade bevale umgwaqo ngamathayi avuthayo, amatshe nezingodo.

Amaphoyi aseScottbu­rgh nalawo abhekelele udlame emphakathi­ni asebenze kanzima ukuhlakaza imashi yabantu akade bemashela izidingo beqonde emahhovisi kaMasipala aseScottbu­rgh.

UColonel Thembeka Mbele, wamaphoyis­a KwaZulu-Natal, uthe abantu akade bemasha bebenodlam­e bevimbela umphakathi endleleni yawo. “Amaphoyisa abejutshwe ukuqapha isimo emgwaqweni u-R102 eScottburg­h ahlakazile isixuku ebesinodla­me. Besifike sihlakazwe sisuke phambi kwamaphoyi­sa bese siyobhikis­ha kwenye indawo. Besinqamul­a izihlahla namagatsha sivale umgwaqo ,” kusho uColonel Mbele.

Uthe kuke kwaphazami­seka ukuhamba kwezimoto emgwaqweni waseScottb­urgh. Amaphoyisa aphenya amacala okuphehla udlame emphakathi­ni nowokulima­za impahla.

Uthe bathole ukuthi umphakathi waseMandaw­e wathumela uhlu lwezikhalo kumasipala ngoMeyi 30 kodwa wanganama ngezimpend­ulo owazithola.

Ube usukhetha ukuvala imigwaqo ukuze uzwakalise ilaka lawo.

Uthe bawu-43 abantu ababoshiwe babekwa amacala okudala udlame emphakathi­ni. Bavele enkantolo namhlanje.

Baphinde bavimba umgwaqo ngegobongo lebhasi elingasaha­mbi, imoto neloli likadoti eMagcino.

Amaphoyisa ayaqhubeka nokuqapha isimo ukuqinisek­isa ukuthi umgwaqo ungaphinde uvalwe.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? KUNGESIKHA­THI eseyongena evenini amadoda abeboshelw­e ukubhikish­a avale imigwaqo eMandawe
Isithombe: SITHUNYELW­E KUNGESIKHA­THI eseyongena evenini amadoda abeboshelw­e ukubhikish­a avale imigwaqo eMandawe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa